Ezemidlalo Ezezimoto

Bathembe iJunior ngokudoba abathengi abasha kwa-Alfa Romeo

Fanelesibonge Bengu|Published

I-AlFA Romeo Junior ikhombisa okuzayo ezimotweni ezintsha zale nkampani

Image: SITHUNYELWE

IMOTO: ALFA ROMEO JUNIOR

YINTO eyaziwayo ukuthi amakhasimende ayazifela ngamaSUV amancane hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa emhlabeni jikelele.

Kwa-Alfa Romeo kuleli bethule iJunior ababheke ukuthi badobe ngayo amakhasimende ukuthi angagcini ngayo kuphela kodwa abheke nezinye izimoto zabo.

Bayichaza njenge-Alfa yawo wonke umuntu engakhethi bulili naminyaka yize ikahle kwabanemindeni emincane.

Bavuma ukuthi phambilini izimoto zabo beziheha kakhulu abantu besilisa.

IJunior iphinde ikhombise okuzayo ezimotweni ezintsha zakwa-Alfa, iStelvio neGiulia.

Lo mncanyana weSUV abawulethile uhlukene ngezinhlobo ezimbili okuyi-Elettrica ne-Elettrica Veloce.

Zombili zihamba ngogesi wodwa ayikho efaka uphethroli njengakwamanye amazwe. Zinebhethri engu-54kWh abathi kwi-Elettrica ungahamba ibanga elingu-410km kuthi kwiVeloce uhambe ngaphansi.

I-Elettrica, okuyiyona eyisingeniso, inamandla angu-115kW ne-torque engu-260Nm

I-Veloce ngeyabafuna ijubane njengoba inamandla athe xaxa angu-207kW ne-torque engu-345Nm. Amandla ayenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.9 nejubane elikhulu elingu-200km/h.

Injalo nje bayifake i-limited slip diff ukuze ibambelele kangcono.

Ngiyishayele kancane yethulwa eGoli ngayizwa ukuthi amandla iwafaka ngokushesha njengezinye izimoto zikagesi.

Noma ingadumi kodwa inakho kancane ubumnandi futhi ihamba kahle emgwaqweni. Noma inamarimu amakhulu futhi beyehlise kancane ne-suspension ibingezwakali njengemoto eqinile futhi ithule. Nasemakhoneni ibibambelela kungekho ukusinda okuzwakala kwezinye ngenxa yamabhethri. Empeleni isisindo sayo bathi singu-1 590kg.

Ukuyishaja ngogesi wasekhaya (AC charging 7kW) ngentambo efika nayo kuyithatha amahora ayisishiyagalombili nemizuzu engu-15.

Kwengu-2kW kuthatha amahora angu-26 nemizuzu engu-25.

Ngesheshayo eyiDC charger engu-100kW bathi kuthatha imizuzu engu-30 ukusuka ku-20 iye ku-80%.

Zombili bazigaxe inqwaba yezokuphepha nezinsiza zomshayeli okuyi-Adas Level 2. Ihlanganisa ukuthi ikusize ukuhlala emzileni, adaptive cruise control, iyabhreka uma izoshayisa

Ngale kwamandla, okunye ezihluke ngakho yindlela ezibukeka ngayo ngaphandle ikakhulukazi ngaphambili kwi-grille.

I-Elettrica inamarimu angu-18 inch. Ngaphakathi izihlalo ziyindwangu.

I-Veloce inamarimu angu-20-inch asemathayini okungamaMichelin Pilot Sport abathi uwathola egaraji labo njengoba akhelwe yona. Uyakwazi ukufaka amanye okunganciphisa ukuthi yonge ngendlela abasho ngayo phakathi kokunye.

Uma uthanda uyifaka i-sunroof kanjalo nezihlalo iSabelts seats ezibukeka kahle futhi ezikubamba sengathi ugonile.

Iphinde ibe ne-ambient lighting ne-electronic parking brake.

Zombili ngaphakathi zakhelwe abanemindeni emincane abahlanu.

Noma ingenkulu njengoba ine-wheelbase engu-2 557mm kodwa kuyangeneka ezihlalweni zangemuva inqobo nje uma ungalishiyile kakhulu igabade.

Isikhala ebhuthini singu-400l bese kuthi ngaphambili kubhonethi kube nesokubeka intambo yokushaja.

Zine-touchscreen ye-infotainment engu-10.25-inch ebheke ngakumshayeli okuyilapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ikuvezela ingaphandle uma upaka, udlala umsakazo, nokunye.

Okumnandi wukuthi ngezansi akhona amabhathini okuhlela izinto.

Inakho ukukukhombisa ukuthi isemndenini owodwa ne-Opel nePeugeot ngenxa yendlela igiya eliyiyo.

IJunior izobangisana kakhulu neVolvo EX30 nezinye.

Intengo:

Alfa Romeo Junior Elettrica – R799 900

Junior Elettrica Veloce – R999 900

Zifika ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.