Ezemidlalo Ezezimoto

Igadla ngezimoto ezine iChangan esiyethulwe kuleli

Fanelesibonge Bengu|Published

I-CHANGAN Hunter REEV ehamba ngogesi kodwa ene-generator ngaphakathi efakwa uphethroli

Image: Sithunyelwe

INGENISA emakethe yaseNingizimu Afrika ngezimoto ezinhlobonhlobo ezine inkampani entsha yaseChina, iChangan, eyethulwe ngokusemthethweni eSun City.

IChangan, ebalwa nezinkampani ezine ezinkulu ezweni edabuka kulo, ilethwa kuleli yinkampani iJameel Motors.

Njengamanje sekuvulwe amagaraji angaphezu kuka-20 ezweni nokukhona kuwo amathathu KwaZulu-Natal.

Isikhulu sakwaJameel Motors South Africa, uMarinus Venter sithe siyaziqhenya futhi sifikelwa wumunyu ngokwethula iChangan.

Sithe basebenze ngokuzikhandla futhi abazile ukuzosinisa amahleza.

Izimoto ezethuliwe yi-Alsvin eyi-sedan elayisha abagibeli abahlanu. Inezinto okubalwa kuzo i-sunroof, amalambu angamaLED, cruise control, nekhamera eveza ingemuva. Kukhona enenjini engu-1.4l kaphethroli enamandla angu-74kW nenengu-1.5l enamandla angu-78kW. Intengo iqala kuR238 000 futhi ihlanganisa ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.

Njengoba amaSUV ethandwa, balethe iCS75 Pro okukhona elayisha abagibeli abayisihlanu noma abayisikhombisa.

Inenjini engu-1.5l turbo kaphethroli enamandla angu-138kW. Ihlukene ngezinhlobo ezimbili iCS neCE futhi intengo iqala kuR429 900.

Phakathi kwenakho kubalwa amalambu angamaLED, touchscreen infotainment engu-10.25 inch, panoramic sunroof, isihlalo somshayeli esifudumalayo siphinde sibande, amakhamera aveza umzimba wonke ngaphandle nokunye.

Esigabeni samaveni bagadla ngeHunter enenjini kadizili nehamba ngogesi. Ekadizili ingu-2.0l turbo futhi kukhona neyi-4x4. Injini inamandla angu-110kW ne-torque engu-350Nm. Ithwala isisindo esingu-1110kg, inamarimu angu-17 inch, izihlalo zesikhumba nokunye. Intengo yayo iqala kuR449 900.

Ehamba ngogesi, iHunter REEV (Range Extended Electric Vehicle), iphinde ibe ne-generator kaphethroli ngaphakathi eshaja ibhethri.

Ibhethri lingu-31.18kWh futhi bathi uma lona nethangi likaphethroli kugcwele ungahamba ngaphezu kuka-1000km.

Idonsa ngawo wonke amasondo futhi amandla angu-200kW. Ithwala isisindo esingu-1000kg, ine-multilink suspension ngemuva nokunye. Intengo yayo inguR799 900.

Bavale ngeDeepal S07 eyi-crossover ezishaya sa-coupe ehamba ngogesi wodwa.

Ibhethri layo lingu-80kWh futhi uma ligcwele bathi ungahamba 560km. Ine-panoramic sunroof, i-screen esikhulu se-infotainment, nenqwaba yezinto zokuphepha. Ibiza uR995 900.

Ngonyaka ozayo iChangan yethembise ukuletha i-Uni-S neDeepal S05 REEV.