IToyota Hilux entsha izovezwa ngoMsombuluko ozayo
Image: Sicashunwe kwi-video
Kuzophela ukuqagela nokulinda njengoba kwaToyota sebekuqinisekisile ukuthi iHilux entsha izovezwa emhlabeni jikelele ngoMsombuluko, ngoNovemba 10.
Lesi siqiniseko sifakwe yiToyota Motor Thailand ezinkundleni zokuxhumana nge-video ekhombisa iHilux ingagqamile kahle.
Bese kunesikhathi ilindiwe kwazise ekhona njengamanje iqale ukudayiswa kwamanye amazwe ngo-2015 ngaphambi kokwethulwa kuleli ngo-2016.
IHilux entsha kulindeleke ukuthi yakhiwe nasefemini yakwaToyota eProspecton njengekhona manje.
Noma imininingwane ingakavezwa kodwa kuthiwa yakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo nekhona futhi injini engu-2.8 GD-6 izoqhubeka nokusetshenziswa.
Ihlukene kabili njengoba kukhona enamandla angu-150kW nenamandla angu-165kW.
Abaningi babheke kakhulu izinguquko ngaphakathi njengoba isisele ngemuva ezimbangini okubalwa kuzo iFord Ranger nezinye.
ENingizimu Afrika iHilux entsha kubhekwe ukuthi iqale ukudayisa ngonyaka ozayo.
Related Topics: