Ezemidlalo Ezezimoto

IJetour T1 neT2 zifike ngezinkani ukuzonyakazisa eMzansi

Zwelakhe Ngcobo|Published

I-JETOUR T2 yisiqwalantaba esilungele ukuhamba noma yikuphi

Image: SITHUNYELWE

IZIMOTO: JETOUR T1 NE-JETOUR T2

UKWETHULWA ngokusemthethweni kwezimoto ezintsha ceke zaseChina ezingamaSUV, okuyiJetour T1 neT2, eGrand Parade eKapa, kusidwebe sagqama isithombe sokuthi kusazoqhuma nhlamvana ezinye ziyofeketha ezimotweni ebezingomakhonya iminyaka eNingizimu Afrika.

Okubukeka kuzozilethela isibunge sokuthi zithengwe ubuthaphuthaphu ngaphambi kwamaholidi kaKhisimusi noma ekuqaleni konyaka ozayo, wukuthi azimbi eqolo uma ziqhathaniswa nezikhiqizwa e-Europe nase-United States of America.

I-Jetour T1 neT2 ezingumshini ozishintshayo emadolobheni nasemagqumeni, zizobe zithwele izitatanyiswa zeG20 engqungqutheleni eseGoli ngoNovemba.

Ngendlela ezakhiwe ngayo zithi ngibuke futhi zikwenza ukhohlwe ukuthi konje kukhona iLand Rover Defender enentengo eze icele kuR4 million uma ukhuluma nge-Octa Black.

Ukubonakala kwalezi zimoto zishushuluza kuN2 ogudla eCross Road naseGugulethu ubheke eCape Town International Airport, kuvukuze umcabango wokuthi engabe iyozala nkomoni njengoba nezinye izinkampani ezingomakadebona zikhiqiza zikhiqizile.

Lezi zimoto ezidlisa ngobuchwepheshe obuphezulu sekucacile ukuthi zizophenduka izintandokazi ikakhulukazi kwabesifazane abaphethe isitayela, zitheleke kuleli ngemuva kokushanelelwa amabala yiJetour Dashing ne-X70 Plus ezethulwe ngoSepthemba ngonyaka odlule.

Liphawula iphini likamengameli weJetour laseNingizimu uNic Campbell lithe: “Ngonyaka odlule ngoSepthemba 24 siqala ukungena emakethe yaseNingizimu Afrika, sathola ukwesekwa okumangalisayo nesasingakulindele. Nakulokhu silindele ukuthi izinga lokwamukelwa kwale mishini emisha ceke lbe sezingeni ngokwedlulele kunanyakenye. Nginxenxa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baye emagaraji bayoyizwa le mishini noma bengeke bayithenge. Ngeke sibaphoxe amanani azo siwahlele ngendlela yokuthi wonke umuntu akwazi ukuyithenga.”

Lezi zimoto ezingesiyena unhliziyombili (hybrid) zizoqala ukudayisa maphakathi noNovemba emagaraji angu-55 akhele i-Afrika eseNingizimu.

IJETOUR T1 ihlukene ngezinhlobo ezine amakhasimende azokhetha kuzo

Image: SITHUNYELWE

Jetour T1

Akungatshazwa ukuthi kuzokhethukhethi njengoba zihlukene ngezinhlobo ezine okungezidonsa ngamasondo amabili i-Edge ne-Aspire bese kuba ngezidonsa ngamane i-Xplora ne-Odyssey.

Izinjini zona zihlukene kabili. Kukhona engu-1.5TD (125kW) ne 2.0TD (180kW) kanti zine- 7-speed dual-clutch transmission. Ezingama-4-wheel drive ziphakeme zashiya igabade ngo-200mm, zinama-drive modes ahlukene okukusiza uhambe kuleso simo osuke ukuso.

Ngaphakathi i-T1 ine-10.25 inch digital instrument cluster, touch screen infotainment engu-15.6 inch (izotholakala kwi-Xplora nakwi-Odyssey) oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, dual-layer soundproof glass, izihlalo ezintofontofo ezakhiwe ngendlela yokuthi zinakekela umhlonzo. I-Odyssey iphinde ibe nezipikha eziyisishiyagalolunye zeSony.

Izindawo zokushaja okwazi ukuthi usebenzise i-USB zikhona ngaphambili nangemuva. Akudingeki ukuthi kubekhona ohlupha omunye.

Ayidunyiswa ngokhiye, ucindezela ibhathini zishe. Isteringi sinakho konke okukhona ezimotweni zikanokusho ezinjengeMercedes, BMW ne-Audi.

Ngemuva isikhala sivuleke kahle, uhlala ngokukhululeka futhi isikhala ebhuthini singu-397l.

Inezinsiza zomshayeli uma ehlehla noma epaka, ine-adaptive cruise control, amakhamera aveza umzimba wonke, ama-airbag. Iyazibhreka yona uma ibona ingozi.

Inamakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle ayi-540°, iyasho ukuthi ungakanani umoya osemasondweni.

Ngaphandle inamalambu eLED angowokukhanyisa ebumnyameni nowasebenzisa uma uhamba emgwaqweni onenkungu, izibuko ezifudumalayo, iroof racks ne-privacy glass. Inamarimu angu-19 inch.

Intengo:

T1 Edge - R514 900

T1 Aspire - R544 900

T1 Xplora R594 900

T1 Odyssey - R634 900

Ifika ne-service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km. Etholwa umnikazi wokuqala i-warranty ngeyeminyaka engu-10 noma amakhilomitha angu-1 million.

Jetour T2

Yakhelwe ukunqamula izinkalo ezinjengeSani Pass egudla izintaba zoKhahlamba uma ubheke eLesotho.

Le moto okuthiwa ayiyibheki indawo enamatshe, enamaxhaphozi nenodaka igabe ngezinhlobo ezintathu okuyi-Aspire edonsa ngamasondo amabili i-Xpora ne-Odyssey ezidonsa ngamasondo amane.

NGAPHAKATHI iJetour T2 ine-screen se-infotainment esikhulu esingaphezu kuka-15 inch

Image: SITHUNYELWE

Izinjini ziyafana njengakwiT1 – engu-1.5 litre nengu-2.0.

Wonke ama T2 anethangi likaphethroli elingu-70L.

Atholakala ngemibalaba enhlobonhlobo okungu-Onyx Black, Glacier White, Aqua Green noLunar Silver.

Ezokuphepha ziyefana kuwo wonke amaT2. Kukhona amakhamera angu- 540°, izinsiza zomshayeli, iyasho ukuthi ungakanani umoya osemasondweni namalambu angamaLED Zinezibuko ezifudumalayo ukuze zibhekane nalo lonke uhlobo lwesimo sezulu, roof racks, privacy glass, iyakhanya ezicabheni uma uyivula, inesipele sesondo esitholakala kwi-Aspire kuphela. Ibhuti ingu 475l.

Intengo:

Aspire - R569 900

Xplora - R 639 900

Odyssey - R 679 900

Ifika ne-service plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-75 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km. Etholwa umnikazi wokuqala iminyaka eyishumi noma u-1 million km.