USIBONELO Myeni wenkampani iMoto Online
Image: Sithunyelwe
ABAKHANGISI sebeqalile namaqhinga okuheha abathengi ukuthi babheke ngakubo njengoba sekusondele amaholidi kaDisemba.
Ezimotweni, ezinye zezindlela amagaraji azisebenzisayo yisethembiso sokuthi othenga imoto manje uyoze aqale ukuyikhokhela ngonyaka ozayo.
Kokunye kuba yizinyanga ezintathu kwabanye kuze kufike ngisho ezinyangeni eziyisithupha ungakasiqali isitolimende.
Lokhu kungaba yingozi uma ukwenza kodwa ungenalo uhlelo lokuthi uzokulungisa kanjani, ngokusho kukaSibonelo Myeni wenkampani iMoto Online.
UMyeni, ojwayele ukuzwakala kuKhozi FM njalo ngoLwesibili ohlelweni lukaTshatha Ngobe enikeza abathengi bezimoto amathiphu, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi kuningi okumele ukubhekisise ngaphambi kokuvuma lokho.
“Uma uthatha imoto manje bese kuthiwa mhlawumbe uzoqala ngoMashi ukuyikhokhela ngicela ubuze ukuthi inzalo yesikweletu salezi zinyanga kuya lapho iqala nini ukubalwa. Okwesibili inkontileka uma kuthiwa iyizinyanga ezingu-72, umuntu akacaciseleke ukuthi uqala nini ukubala ngoba ibalulekile leyo yokuthi kuthiwa usayina inkontileka yezinyanga ezingu-72 bese uthola ukuthi akusenjalo sekwengezwa lezi zinyanga ongazikhokhelanga,” kusho uMyeni.
Uthe uma uthenga imoto kwehla intengo yayo kusuka uphuma egaraji nangesikhathi uyibhalisa.
“Uma kushintsha unyaka sekuwu-2026 sekuzoba yimodeli ka-2025 okusho ukuthi ilahlekelwa yintengo yayo kabili kodwa kuwena imali oyikweletayo isamile. Yazi ukuthi uzoze ufike ezingeni lokuthi uphume kuyo eminyakeni emithathu kuya kwemine kuya ngokuthi uyiphethe kanjani. Uma nawe uzohamba kakhulu uzoba senkingeni,” kuchaza yena.
Uthe yini engaze yenze umuntu afune ukuthatha imoto manje bese efuna ukuqala ukuyikhokhela ngoMashi ngoba uma engakwazi ukumelana nezindleko zayo akumele kube yinkinga.
“Okunye kunomkhuba wokuthi ngizoyithenga manje ngihambe ngayo bese kuthi ngoMashi ngonyaka ozayo ngibatshele ukuthi iyangihlula ngiyibuyisele emuva. Khumbula ukuthi uma ufuna ukuphuma kuyo kumele ukhokhe imali enkulu impela ngoba isikweletu simile futhi isilahlekelwe yintengo yayo. Uzogcina ubona ukuthi kungcono ubuyele kusona isitolimende ngoba uzokhokha imali enzima. Isuke isilahlekelwe yintengo yayo ngokwemodeli, ilahlekelwe yintengo ngokubhaliswa nangokuhamba kwayo kanti isikweletu sakho asikanyakazi nakancane nenzalo yaso.”
Uthe uma kuwukuthi uyakudinga ngempela ukuthatha imoto manje uqale ngokuhamba kwesikhathi ukuyikhokhela ngoba ubona ukuthi imali ungayisebenzisela ezinye izidingo ezibalulekile kumele ube nohlelo lokuzikhokhela lezi zinyanga.
Uthe uma usuqala ukukhokha ungengeza imali koyikhokha ngenyanga uzame ukuphesha. Uma uzothola ibhonasi uthe kungcono uyifake.
“Uma unemali yediphozi enkulu ungayifaka bese uthi ukuphumula. Noma ubani angacela ukuthi angakhokhi izinyanga ezimbalwa kodwa akuyena wonke umuntu oyophumelela. Ubanika izizathu ebhange bazibheke bese beyavuma noma bayanqaba. Ngokwami akuyona into engiyiphasisayo.”