UMNCANYANA iSuzuki Swift osuphenduke intandokazi kubashayeli eNingizimu Afrika
Image: Sithunyelwe
IMOTO: SUZUKI SWIFT
ISwift ingezinye zezimoto ezenza iSuzuki ibe sendaweni yesibili ngokudayisa kakhulu izimoto ezintsha eNingizimu Afrika ngemuva kweToyota.
Abantu bayithandela ubuncane bayo obuhlangene nentengo engaligqobhozi iphakethe uma uyiqhathanisa nezimbangi, ukonga nezinto efika nazo.
Ngike ngachitha isikhashana nayo phambilini ngathatheka kodwa bengiqala ukuhamba ngeno-gearbox ozishintshayo oyiCVT.
Engike ngahamba ngayo ngenoyi-5 speed manual.
Injini iyafana ingu-1.2 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Amandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm.
Phambilini ibinama-cylinder amane kodwa manje asemathathu. U-gearbox oyiCVT abanye abawuthandi ngenxa yokuthi imoto ivele ibe nomsindo nokuyinto ebiyenzeka kulena kodwa ngibone kungeyona into engenza uze ungafuni ukuyithenga.
NGAPHAKATHI iSuzuki Swift ine-screen se-infotainment oxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo
Image: Fanelesibonge Bengu
Edolobheni awubi naso isicefe sokulokhu ubhalansisa ushintsha amagiya esiminyaminyeni. Kuthelawayeka umsindo uba khona kodwa uma isilibambile ijubane iba nakho ukukhululeka kancane.
Kuphethroli ibidla ngaphezu kweshintshwayo engake ngahamba ngayo. Ibidla 6.2l/100km kanti enye yayidla 5.6l/100km.
Engikuthanda ngayo wukuthi kulula ukuyishayela kanjalo nokuyipaka.
Kwezokuphepha bayifake ama-airbag ayisithupha, Electronic Stability Programme ne-ABS.
Uma usupaka ngeke ushayise kwazise bayigaxe ikhamera eveza ingemuva kanjalo nama-sensor.
Ngaphandle ihamba ngamasondo amarimu angu-15 inch. Uma ungena ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system engu-7-inch. Uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
Izindlela bengizishaya ihamba ngenjini engu-1.2 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm. Bengiziconsisela u-R100 ngigudle isonto lonke ngoba bengizulazula edolobheni. Ibilokhu iveza ukuthi idla amalitha angu-5.6 ngo-100km okuyinto engasondele ku-4.4l/100km oshiwo kubo kwayo.
Amagiya enawo ayisihlanu futhi ishintsha kalula. Yize amandla engangayo kodwa bekuba nezikhawu lapho ngizwe sengathi ayashoda kancane khona engicabanga ukuthi kudalwa nawukuthi isinama-cylinder amathathu.
Njengemoto yokuqala noma ufuna ukunciphisa uthole eshibhile, ayikhalisi impela yona, iyinyama. Nami nje impela ukhiye ngiwubuyisele emuva ngingakathandi.
Isikhala sikahle uma ungenawo umndeni omkhulu futhi ibhuthi ingu-265 litres.
Ngiyakuthanda ukuthi wonke amawindi avuleka ngogesi kanjalo nezibuko ezinhlangothini zihlelwa ngawo okuyinto ongayitholi kwiVW Polo Vivo.
Ine-aircon, imbobo yokushaja nge-USB, izihlalo zendwangu namabhathini esiteringini okuphendula ucingo.
Intengo:
Suzuki Swift 1.2 GL+ CVT: R265,900
Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.
Related Topics: