Ezemidlalo Ezezimoto

Babizwa egaraji abanikazi bamaNissan Qashqai kutholwa inkinga

Fanelesibonge Bengu|Published

KUTHOLWE inkinga kumaNissan Qashqai engase idale ukuthi avuze uphethroli

Image: Sithunyelwe

KUHLATSHWE ikhwelo kubanikazi bamaNissan Qashqai ukuthi bawabuyisele emagaraji kulandela ukutholakala kwenkinga engase yenze uphethroli uvuze.

Esitatimendeni, iNational Consumer Commission (NCC) ithe ibikelwe yiNissan South Africa ukuthi inkinga ithinta amaQashqai angu-1 665 adayiswe phakathi kukaMeyi 4 ngo-2021, no-Okthoba 17 ngo-2024.

Ithe uma injini iduma, ipayipi likaphethroli lingase linyakaze nokungenza ukuthi lidleke. Ithe lokhu kungenza kube nembobo engadala ukuthi uphethroli uvuze.

I-NCC ithe impumelelo yekhwelo izofezeka ngokuthi abanikazi basukume ngokushesha.

"I-NCC inxusa amakhasimende ukuthi ahambise izimoto ezithintekayo emagaraji aseduze agunyaziwe ukuthi ziyobhekwa futhi zilungiswe ngaphandle kokuthi akhokhe."