IChery Tiggo 7 CSH inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: CHERY TIGGO 7 CSH
NGIYAZITHANDA izimoto ezihamba ngogesi ngenxa yokuthi kushibhile ukuzigcwalisa uma ukuqhathanisa nokwetha uphethroli noma udizili.
Nokho ukungabi nayo indawo yokushaja lapho engihlala khona kungesinye sezizathu esingangenza kungabi yinto engifisa ukuba nayo okwamanje.
Okunye wukuthi ngeke ngikwazi ukuvuka ekuseni ngithi ngisaya emakhaya ngoba ngeke ngazi ukuthi endleleni ngizoshaja kuphi.
Noma ngabe ngihamba ngekwazi ukuncenga ibanga elide inkinga wukuthi uma ngifika phambili ngiyishaja ngogesi ojwayelekile wasendlini kuzothatha isikhathi.
Yilapho izimoto ezingama plug-in hybrid ezingena khona ngoba zingonhliziyombili, zihamba ngogesi kanjalo nangophethroli.
Empeleni uma ubheka indlela isimo sezwe esiyiso yizona engizibona zenza umqondo ngoba uma uphelelwa wugesi endleleni, uqhubeka ngophethroli ngeke ulale emgwaqweni.
IChery Tiggo 7 CHS ine-sunroof namarimu angu-18 inch
Image: Fanelesibonge Bengu
Ngihamba ngeChery Tiggo 7 CSH ezinsukwini ezedlule, angikaze ngiyishaje kunalokho bengisebenzisa uphethroli. Isizathu sami wukuthi ayikho intambo ende ebingafika emotweni kanti nekhadi lokuyishaja endaweni yomphakathi belingekho.
Noma ibhethri ibingashajiwe kodwa ngiyibone yonga kuphethroli.
ITiggo 7 enenjini engu-1.5l kaphethroli bathi idla-6.9l/100m kuthi enengu-1.6 yona bathi idla 7.2l/100km.
Lena eyi plug-in hybrid ibidla 5.2l/100km nokuyinto enhle kulesi simo somnotho. Empeleni kwaChery bathi ungahamba u-1 200km uma ibhethri elingu-18.3kWh lishajwe lagcwala futhi kuntanta isele ethangini likaphethroli.
Ngogesi ungahamba 93km okuyinto engingayisebenzisela ukuya nokubuya emsebenzini ngingawulokothi nhlobo uphethroli.
Ukushaja noma ngingakwenzanga kodwa bathi kuthatha imizuzu engu-45 kuya ehoreni kwesheshayo eyi-DC kuthi kowasekhaya (AC) kube amahora amane kuya kwayisishiyagalombili.
Inkulu ngaphakathi futhi izinga liphezulu kwiChery Tiggo 7 CHS
Image: Sithunyelwe
Injini yayo ingu-1.5 litre turbo eyi-four cylinder. Uma isihlangene nekagesi kuphuma amandla angu-265kW ne-torque engu-310Nm.
Amandla uma uwafunda phansi azwakala emakhulu kodwa uma usuhamba ngayo ungathi akunjalo kodwa okungasho ukuthi iyivila.
Ihamba kahle amagiya ashintsha buthule futhi ukudlula enye imoto ngokushesha kuba wubala.
Kwezokuphepha nezinsiza zomshayeli abayirobhanga kungaze kuphele u-inki ngoba ine-adaptive cruise control, amakhamera aveza umzimba wonke, ama-airbag ngaphakathi, iyasho uma izoshayisa futhi ibhreke, iyasho uma ungabuki phambili nokunye okuningi.
Injini eyongayo nezokuphepha akuzona izinto eheha ngazo. Ngaphandle iyabukeka. Ngaphambili ine-grille enkulu ecwebezelayo namaLED daytime running lights namaLED.
Inamarimu angu-18-inch nokhakhayi olumnyama olune-panoramic sunroof.
Ngaphakathi inkulu kahle kwabanemindeni bekuhlaleka ngisho ngemuva. Ibhuthi nayo inkulu ingu-626 litres.
Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi kanti zinjalo ziyafudumala ziphinde ziqande.
Ngaphambili ibukeka kahle nge-touchscreen infotainment system engu-12.3-inch ehlangene ne-digital instrument cluster.
Kwi-instrument cluster uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, udlala khona umculo ngezipikha zeSony nokunye.
Uma ubheka ezinkampanini ezinegama kuleli imbangi yayo kungaba yiToyota Rav4 eyi-hybrid ezishajayo. Kuphethroli iRav4 idla kangcono kodwa isindala njengoba entsha izotheleka kuleli ngasekuqaleni konyaka ozayo. Ngokwentengo iphezulu kodwa izinto enazo zingaphansi kunale Tiggo 7 CSH.
Ungabheka nakomkhaya bayo iJaecoo J7 SHS okanye iBYD Sealion 7.
Intengo:
Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, i-warranty yebhethri yeminyaka engu-10 etholwa umnikazi wayo wokuqala ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-60 000km.
Related Topics: