ABASEBENZI bakwaVW efemini yale nkampani eseKariega bejabulela ukwakha iPolo ethuthukisiwe ka-500 000
Image: Sithunyelwe
Kungekudala kwaVolkswagen Group Africa bazogubha ukwakha iVW Polo ka-2 million efemini yabo eseKariega, eGqeberha.
IPolo iqale ukukhiqizwa kule femu kusuka ngo-1996.
Njengamanje sekwakhiwe angu-1 992 464 iningi lawo elidayiswa ngaphandle kwakuleli njengoba kuyiyona yodwa ifemu yakwaVW emhlabeni jikelele. AmaPolo adayiswa emazweni angaphezu kuka-30, ikakhulukazi awase-Europe.
NePolo GTI yakhiwa khona kuphela.
Kuleli sonto bajabulele ukwakha eka-500 000 kwethuthukisiwe kusuka ngo-2021.
Angu-452 207 kuwo adayiswe kwamanye amazwe kwathi angu-47 793 adayiswa kuleli.
Isikhulu sefemu u-Ulrich Schwabe sithe iPolo ibe yimpumelelo kule nkampani futhi idlala indima enkulu ezweni ngemikhiqizo edayisa ngaphandle.
Related Topics: