Ezemidlalo Ezezimoto

Kwengezwe ezokuphepha kwiRenault Triber entsha

Zwelakhe Ngcobo|Published

I-RENAULT Triber ifika ne-grille entsha namalambu angamaLED ngaphambili

Image: SITHUNYELWE

IMOTO: RENAULT TRIBER

I-RENAULT Triber yethulwa ngokusemthethweni eNingizimu Afrika ngo-2020 ngesikhathi kuhlasele ukhuvethe olwenza kwaba nomvalela endlini maqede kwathikamezeka nomnotho wezwe, abanye baphelelwa yimisebenzi.

Isibindi seRenault, okuyinkampani yezimoto yaseFrance kodwa ekhiqiza iTriber e-India, akuzange kukhe phansi kodwa kwathela izithelo ezinhle ngoba yangenisa emakethe kuhle komfula uThukela.

Ngenxa yentengo yayo engambi eqolo, yakwazi ukuzakhele ugazi ezinkumbini zabantu baseNingizimu Afrika ikakhulukazi labo abasembonini yamatekisi akhokhelwa ngokwebanga alihambile.

Ngisho nakubantu abazifunela imoto yomndeni ezobathatha ibabeke yaphenduka inyama nokufakazelwa wukuxhaphaka kwayo ezindaweni ezakhele iKwaZulu-Natal.

Yethulwa eMhlanga ngoLwesine, iGeneral Manager yakwaRenault ezinze eGauteng, uTebogo Sekobe, uthe uyaziqhenya ngokuthi bakhiqiza imoto engabizi kakhulu, engeke yenze abantu baphelelwe ubuthongo ekupheleni kwenyanga.

“Siyabonga abantu ukuthi baqhubeke baseseke phezu kwezinselelo eziningi ababhekene nazo. Ngiyakuqinisekisa ukuthi kulena entsha bazohamba ngokukhululeka kwazise ihlome ngayo yonke imvunulo eqinisekisa ukuphepha,” kusho uSekobe.

NGAPHAKATHI iRenault Triber ine-touchscreen infotainment system engu-8 inch nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo

Image: SITHUNYELWE

Ocwaningeni lwangonyanga odlule iGlobal New Car Assessment Programme (Global NCAP) #SaferCarsForAfrica, yazwakalisa ukukhathazeka ngamazinga ezokuphepha kwezinye izimoto zakwaRenault.

“Okuhle wukuthi kulena entsha enezihlalo eziyisikhombisa iyakukhombisa uma elinye lamathayi lehlelwe umoya. Akekho ongazi ukuthi imigwaqo esihamba kuyo imigodigodi. Okuyinto ebalulekile ekuqinisekiseni ukuphepha kwamakhasimende ethu abewa nathi evuka kuze kumanje. Ingagcina lapho iphinde ibenama-airbag ayisithupha,” kusho uSekobe.

Ugcizelele wathi okunye okuhle ngalena entsha wukuthi izibuko zayo zivaleka thaqa uma usuwehlile kuyo.

“Ngeke isabakhona indaba yokubalisa noma uzibuze uziphendule njengokwedlule ukuthi ngakube imoto uyikhiyile yini. Ngeke kusabakhona ukuzulazula komqondo.” Ngaphandle kokuvaleka kwezibuko lena entsha idlisa ngokuthi ingaphambili layo linsensiswe nge-grille eyenza idonse amehlo nophawu olusha. Iphinde ibe namalambu eLED azikhanyela wona. Amarimu asemathayini angu-15 inch. Ngaphakathi inezimbobo ze-aircon emuva nangaphambili.

Inekinobho yokulawula amawindi ukuze izingane zingalunguzi emawindini zihlale zifase amabhande.

Ebhuthini uyakwazi ukulalisa izihlalo okungenza ufake ama-suitcase amathathu noma uzikhiphe ukuze ufake imithwalo yakho uma unohambo.

NGEMUVA bayenze kabusha ubhampa, amalambu ne-skid plate

Image: SITHUNYELWE

Ine-screen se-infotainment oxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi inendawo yokushaja ngaphandle kwentambo.

Ngaphambili bayifake nama-sensor akusiza ukuthi ungashayisi uma upaka.

Isikhulu esiphezulu sakwaRenault uShumani Tshifularo sibonge amakhasimende ngokuqhubeka eseke le nkampani eqinisekisile ukuthi iRenault Triber iphuma inakho-konke

okuzokwenza ahambe ephephile futhi ethokomele nemindeni yawo.

Sigcizelele sathi esikuthandayo ngeTriber ukuthi ayiwubhubhudli uphethroli njengoba kuyimoto enenjini encane hhayi eyakhelwe ijubane.

Injini le iyefana neyasekuqaleni. Ingu-1.0 litre engenayo i-turbo. Inamandla angu-52kW ne-torque engu-96Nm. U-gearbox unamagiya ashintshwayo noma ozishintshayo oyi-AMT.

Emakethe izoncintisana neVW Polo Vivo, Suzuki Swift nezinye.

Intengo:

Renault Triber Evolution MT                               - R 218 999

Renault Triber Techno MT                                    - R 233 999

Renault Triber Iconic MT                                       - R 249 999

Renault Triber Iconic AMT                                    - R 259 999

Renault Triber Express (excl. Roof Rack)          - R 249 999

Iphuma ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.