Ezemidlalo Ezezimoto

Iyonga futhi inkulu iHyundai Santa Fe entsha

Fanelesibonge Bengu|Published

IYAGQAMA uma iqhamuka iHyundai Santa Fe ngenxa yamalambu angamaLED akhanya ubusuku nemini

Image: Fanelesibonge Bengu

IMOTO: HYUNDAI SANTA FE

NGAPHAMBI kokuthi kufike iSanta Fe entsha, iPalisade bekuyiyona SUV yakwaHyundai ekhonyayo emndenini izibukela phansi ezinye.

IPalisade ihlukene ngezinhlobo ezimbili okungelayisha abagibeli abayisikhombisa nabayisithupha. Inentengo eqala ngaphezulu kancane kuka-R1.2 million.

Kuthe uma sekufika iSanta Fe entsha, okuyinhlobo yesihlanu selokhu yaqala ukwakhiwa, yehlela ngezansi.

Umbuzo uthi ngabe iPalisade izoqhubeka isikhathi esingakanani nokudayisa noma zizotholakala zombili kanye kanye?

Lokhu ngikubuza ngoba iPalisade ingezinye zezimbangi zayo iSanta Fe. Ezinye ungabala iKia Sorento, BMW X3, Mercedes-Benz GLC nezinye.

Njengoba ngibala nePalisade yakwabo nje, yingoba iSanta Fe nayo ilayisha abagibeli abayisikhombisa kodwa inentengo ethe xaxa kancane. Ngakho ungathi usuzimisele ngokuyithenga, bese ufika ujika umqondo ususegaraji uthathe eshibhile.

Noma kunjalo kodwa kwiSanta Fe uyonga ephaketheni uma usuhlala nayo ngoba idla kancane kuphethroli.

KUZOTHATHA isikhathi ukuthi ijwayeleke ngemuva iHyundai Santa Fe entsha

Image: Fanelesibonge Bengu

Njengamanje sekukhona eyi-hybrid kuphela, ayisekho enenjini kadizili njengakuqala.

Injini le ingu-1.6 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-132 kW ne-torque engu-265Nm. Ihlanganiswe nekagesi webhethri elizishajayo enamandla angu-44kW, okuthi kokubili uma kusekuhlanganisiwe kube namandla angu-175kW ne-torque engu-367 Nm.

Ngingomunye wabathanda izimoto zikadizili ngenxa yamandla nokonga kodwa iSanta Fe - ngihamba ngayo - ibiphuza amalitha angu-7.1 ngo-100km okuyinto engaphansi ngisho kuka-7.5ll/100km oshiwo kubo kwayo. Emuva kokuhamba 417km, ibiveza ukuthi isengahamba omunye u-509km.

IPalisade - ngakolunye uhlangothi - idla amalitha angu-8.2 ngo-100km.

Uma ungazidingi izihlalo eziyisikhombisa ngeke ngikusole uma ungabheka ngakwiBMW X3 ngoba ngihamba ngayo yayidla amalitha angu-6.5 ngo-100km.

ISanta Fe ihamba kamnandi emgwaqweni yize inakho ukuqinaqina kwezinye zezindawo. U-gearbox uyi-6 speed auto ufaka amandla kuwo wonke amasondo. Uma uqaphela igiya balinameke ohlangothini lwesiteringi nokuvula isikhala ngaphambili kodwa ngizochaza ngezansi.

Uma udedela i-accelerator ikakhulukazi ezindaweni ezehlelayo, yilapho ibhethri lizishaja khona.

Ezindaweni ezinamajika uyayizwa ukuthi iyimoto enkulu. Njengomshayeli unama-drive modes ahlukene okhetha kuwo njengo-Eco uma ufuna ukonga noSport uma uzimisele ngokushesha.

Ukudonsa kwayo ngawo wonke amasondo nokushiya igabade ngo-177mm kanjalo nokukwazi ukuyitshela ukuthi uhamba emgwaqweni onjani njengodaka, kwenza ukuvakasha emakhaya kungabi yinto enqenisayo noma kungesona isiqwalantaba.

Endleleni bengihamba ngokukhululeka ngoba iphephile. Amakhamera ezinhlangothini avele akukhombise ngaphandle kwalapho ocabanga ukujikela ngakhona uma ushintsha umzila ukuze uzobona kahle i-blind spot.

Ine-adaptive cruise control, iyakusiza nokuhlala emzileni ngoba phela abantu bayakubuka uma ihamba ngayo bese iba nokunye enakho kwezokuphepha.

Okwenza abantu bayibuke wukuba sabhokisi kwayo. Ngaphambili igqama ngamaLED daytime running lights amise okuka-H. Ama-headlights, nawo angamaLED akhanya bha ebusuku kangangokuba abanye abashayeli baze bazitshele ukuthi ushaye u-bright.

Nangemuva amalambu amise okuka-H. Ungathi kodwa base bephelelwa yisineke sebakha khona. Mhlawumbe kuzojwayeleka ngokuhamba kwesikhathi.

AZISWELWA izindawo zokushaja kwiHyundai Santa Fe njengoba zizine ngaphambili bese kuba nezinye zabagibeli ngemuva

Image: Fanelesibonge Bengu

Ohlangothini amarimu angu-20-inch yiwo agqamayo.

Uma ungena ngaphakathi ukhangwa wubukhulu bayo. Kulula nokufika ezihlalweni zangemuva ngoba uciphiza ibhathini kwesiphakathi nendawo bese siya phambili sibe silala. Nokho yindawo yokuhlala izingane noma umuntu ongemude kwezokugcina.

Ibhuthi ingu-413 litres kodwa uyakwazi ukwandisa isikhala ngokulalisa izihlalo.

Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili naphakathi nendawo ziyafudumala. Ngiyakuthanda ukuthi kunezimbobo ze-aircon ngemuva okubi kodwa wukuthi awukwazi ukuzihlela amazinga okushisa kwenziwa ngabaphambili.

Okunye engikuthandayo yinqwaba yezindawo zokushaja ngaphakathi nekhetheni ngemuva ewindini.

Ngaphambili kune-touchscreen enkulu oxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo.

Esikhathini lapho izimoto eziningi zisebenzisa i-touchscreen ukulawula izinto, kuhle ukuthi asekhona amabhathini lapha.

Ukufakwa kwegiya eceleni kuvula isikhala ngaphambili sokubeka izinto nesokushaja amaselula amabili ngaphandle kwentambo.

Intengo:

Hyundai SANTA FE Hybrid Elite AWD -  R 1 249,900 

Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km ne-warranty yebhethri yeminyaka eyisishiyagalombili noma u-160 000km.