ISuzuki Dzire ihlotshiswe nge-chrome ngaphandle ukuze ihehe
Image: Sithunyelwe
IMOTO: SUZUKI SWIFT DZIRE
I-SUZUKI Auto isindlondlobale eNingizimu Afrika kangangokuba isingeyesibili ukudayisa kakhulu ngemuva kweToyota South Africa Motors enobudlelwano obuqinile nayo.
Ngale kobudlelwano neToyota, okunye engibona kuyisebenzela wukuba nezimoto eziningi ezifeza izidingo ezahlukene futhi ezibiza kahle uma uziqhathanisa nezimbangi.
Muva nje, bethule iDzire okuyi-sedan ethandwa kakhulu ngabasembonini yabathutha abantu bese bekhokhelwa ngebanga abalihambile.
Ingaphakathi leSuzuki Dzire lifuna ube yinono ngoba likubamba kalula ukungcola
Image: Sithunyelwe
Angifuni ukuqamba manga, ngihamba ngayo bekuba nezindawo lapho ebengishaywa khona wuvalo ngesaba ukuthi mhlawumbe abasembonini bazozitshela ukuthi ngiyilaba abaqhweba abantu bengayisebenzisi i-app.
Kokunye bengibona nabantu uma ngiqhamuka bejeqeza amaselula bese bebhekisisa i-number plate yami bezama ukubona ukuthi akuyona yini abayibizile ukuthi ibathuthe. Angiboni kodwa ukuthi ungaba nenkinga efanayo uma uzihlalela ezindaweni lapho bengekho khona o-Uber noBolt.
Kungaba yimoto oyisebenzisela ukuzihambela ngayo nomndeni wakho kwazise incane kodwa inesikhala esikahle futhi iyonga nakuphethroli.
IDzire, phambilini ebibizwa ngeSwift Dzire, iqale ukudayisa kuleli ngo-2018.
Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiGA neGL+. I-GL+ iyona ebesihamba ngayo.
Inyathela ngamasondo amnyama anamarimu angu-15 inch amesha ingaphambili nalo elimnyama.
Iphinde ibe ne-chrome ehlotshiswe ngayo emzimbeni nokuyenza kungabi yimoto embi.
Ngaphakathi okokuqala engivele ngakubabaza yizihlalo zakhona eziyindwangu ezi-beige. Kwebengiyivivinya bese zivele zingcolile nokuyinto engicabanga ukuthi kumele bayilungise kwaSuzuki ngokuletha enezimnyama uma zikhona.
Uma kodwa uyinono ngeke ube nankinga nazo. Isikhala sikhona kubagibeli abayisihlanu noma bengampintsheka kancane abangemuva.
Ebhuthini singu-378 litres. Singaphansi uma uqhathanisa nezimbangi ongabala kuzo iHonda Amaze (416l), Hyundai Grand i10 sedan (406l) okanye iKia Pegas yona enesikhulu kakhulu esingu-475 litres.
Uma uke wangena kwiSwift ngeke ingaphambili layo likudide kwazise yakhiwe phezu kwesisekelo esifanayo.
U-dashboard wakhiwe ngoplastiki othe ukuqina kancane. Ine-screen esingu-7 inch oxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto, udlala khona umsakazo futhi ubona ingemuva uma uhlehla noma ikhamera ithe ukubheka phansi kancane.
Ngiyakuthanda ukuthi kukhona izimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili ngisho engu-type A.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.2 litre, three-cylinder kaphethroli njengakwiSwift. Ayisewona u-four-cylinder njengasekuqaleni.
Injini inamandla angu-60kW ne-torque engu-112Nm. Edolobheni ihamba kahle bese indaba iqala uma usuqwala izintaba zakhona lapho oyizwa sengathi iyakhathala khona. Mhlawumbe ukukhishwa kwe-cylinder kunomthelela. Amagiya iyakukhombisa ukuthi washintshe nini kokunye uthi uyalifaka ikhathale bese kumele uphinde wehlise.
U-gearbox uyi-5 speed oshintsha kahle kalula.
Emgwaqweni ovulekile ihamba kahle futhi kwenye indawo lapho enhle khona isekongeni uphethroli. Emuva kwesonto ibidla amalitha angu-5.7 ngo-100km nokuyinto engakhalisi.
Engikuthandayo ngayo wukuthi bayifakile ezokuphepha njengamabhreki ama-ABS ne-EBD, Electronic Stability Program kanjalo nama-airbag ayisithupha.
Intengo:
Suzuki Dzire GL+ 5MT - R246 900
Related Topics: