Kuqale imvula yasehlobo nokungadala ubungozi kubashayeli
Image: Sithunyelwe
IQALILE imvula yasehlobo ngempelasonto nokungadala izingqinamba ezahlukene kubashayeli emigwaqweni yaseNingizimu Afrika.
Ngokusho kwesikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, lokhu kungenza abashayeli bengagcini ngokubhekana nemigwaqo emanzi futhi eshelelayo kuphela kodwa nokuphakama kwerabha namafutha okunamathele emgwaqweni ngesikhathi sasebusika.
Uthe lokhu kwenza imigwaqo ishelele kakhulu futhi kube yingozi ukuhamba kuyo.
“Okubaluleke kakhulu wukwehlisa kahle ijubane lakho. Ungabhreki mawala futhi isigubhukane. Izandla zombili azihlale esiteringini. Buka lapho oya khona futhi isiteringi uzosijikisa lapho obheke khona. Ngakho, uma kunesihlahla phambi kwakho, ungasibuki isihlahla, kungcono ubheke lapho ufuna ukuba khona,” kusho uHerbert.
Uthe bheka ama-wiper ngaphambi kokuthatha indlela ukuhlola ukuthi awaguganga yini ebusika.
Ukhiphe nanka amanye amathiphu:
Related Topics: