ITOYOTA Hilux Legend 55 evalelisa iHilux njengoba kuza entsha sha ngonyaka ozayo
Image: Sithunyelwe
IMOTO: TOYOTA HILUX LEGEND 55
UMA uke waphatha igama leToyota Hilux kungenzeka bangabi baningi abakuncisha indlebe.
Phela iHilux yilona veni, angiqondise inkulumo, iyona moto entsha edayisa kakhulu okuzedlula zonke zinyanga zonke eNingizimu Afrika.
IHilux iqale ukudayisa kuleli ngo-1969. Injalo nje, ayigcini ngokudayisa kuphela kodwa iphinde yakhiwe khona belu kuleli efemini yakwaToyota eseProspecton, eThekwini.
Ngo-2004 kwaToyota bakhe iHilux yekhethelo iLegend 35 ukugubha iminyaka engu-35 yethulwa.
Balandelise ngeLegend 40 ngo-2010, iLegend 45 ngo-2014 kwase kuba yiLegend 50 ngo-2019.
Ukuthandwa kwegama leLegend kwenze yagcina isiba khona ohlwini lwamaHilux nokuyinto ezoma kancane manje njengoba sekukhona iLegend 55.
NGAPHAKATHI umehluko ungasegiyeni lapho kuqoshwe khona ukuthi ngeyokugubha iminyaka engu-55 nasezihlalweni eziqoshwe uLegend 55
Image: Sithunyelwe
ILegend 55 iqhubeka nobekwenziwa yile nkampani kumaLegend edlule ngokuyishintsha lapha nalaphaya bese kwengezwa okuthile.
Izinguquko kwiLegend 55 ngaphandle zihlanganisa umbala ocwebezelayo ofakwi kwi-grille, izibambo zezicabha, amakhava ezibuko nakubhampa ngezansi.
Ngaphambili ine-bash plate.
Uma ungumlandeli wale ngosi uzokhumbula ukuthi ekuqaleni konyaka sakuvezela iLegend 55 eyayinomzimba ovulekile njengeHilux GR-S entsha.
KwaToyota baxolisile bathi ukungayinzi njalo kwabo kungenxa yokuthi ama-axle ayashoda anele iGR-S kuphela ekhombisa ukuba yintandokazi nakuleli njengoba inyanga uma iyinhle bedayisa alinganiselwa ku-200.
Okunye okuthola kwiLegend 55 yi-towbar, isikhenke esine-roller shutter futhi esinerabha phakathi kanjalo nemibhalo ne-styling bar ehlukile ebhalwe igama layo.
Inemibala enhlobonhlobo okhetha kuyo okubalwa nombala ozothile oluhllaza no-sand beige.
Uma ungena ngaphakathi phansi esicabheni kubhalwe uLegend 55 futhi nomata bashintshiwe baba yirabha.
Izihlalo ezimnyama zesikhumba ziqoshwe uLegend 55 kuma-head rest. Igama liphinde liqoshwe ngasegiyeni elide, abaningi abakhala ngalo.
Empeleni yingaphakathi, njengakulo leli giya, lapho kuvela khona ukuthi iminyaka isihambile uma uyiqhathanisa namaveni esimanje njengeFord Ranger.
Imbobo yokushaja nge-USB iyodwa ngaphambili ayikho eyokushaja ngaphandle kwentambo.
Ine-touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay, udlala khona umsakazo, ubona udizili onawo, iveza ingaphandle uma uhlehla nokunye.
ITOYOTA Hilux Legend 55 ifika ne-towbar ne-roller shutter ngemuva
Image: Sithunyelwe
Umculo ukhala kamnandi ezipikheni zeJBL.
Uma uyithinta uyezwa ukuthi yimoto ongaguga uyishiyele izingane nabazukulu.
Ngaphansi kwebhonethi kusekhona injini yodumo engu-2.8 litre GD-6 turbodiesel eno-gearbox oyi-6 speed auto.
Inamandla angu-150kW ne-torque engu-500Nm.
Ngesikhathi yethulwa sigabavule ngeDouble Cab e-Eastern Cape saze saphelela eWestern Cape. Siqale eGqeberha indlela yasikhomba eGraaf Reinet ngaphambi kokuvukela eGeorge.
Lokhu kunginike ithuba lokuwezwa kahle amandla ayo okuyinto ekhona. Ngiyazi ukuthi amaveni esimanje agijimisa okwezimoto ezincane kodwa lapha ukudlula ezinye izimoto akuwona umsebenzi.
Ngaphakathi ayibuhlungu uma ingena emabhampini kodwa ayikho ntofontofo njengeRanger.
Kuyashiwo ukuthi umfundisi ulindwa ngengoma, neLegend 55 ngeyokulinda iHilux entsha sha eza ngonyaka ozayo, isikhathi esiqondile sokufika kwayo esingaqinisekiswanga.
Okuhle wukuthi isazoqhubeka nokwakhiwa eProspecton.
Intengo:
Zonke zifika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.
Related Topics: