Ezemidlalo Ezezimoto

Indlamlenze ibalwa namanxusa akwaJaecoo kwethulwa iJ5

Fanelesibonge Bengu|Published

Umculi kamaskandi uKhuzani Mpungose obonakala neJaecoo J5 atetemuka ngayo

Image: Sithunyelwe

UMCULI kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose ubonga abalandeli bakhe ababizwa ngeBlue Nation ngokugixabezwa ngeJaecoo J5 entsha asetetemuka ngayo.

UKhuzani uqokwe njengenxusa lakwa-Omoda & Jaecoo South Africa nomgijimi uCaster Semenya, umrepha uKwesta, uMawhoo noCiza, umsakazi weMetro FM uTbo Touch nosomabhizinisi uSibo Mhlungu.

"Ngiyabonga kakhulu ngethuba kwaJaecoo. Ngingumculi wokuqala kamaskandi ukuba yinxusa lenkampani yezimoto ezweni lonke. Le nto iyaqinisekisa ngempela ukuthi umuntu ungokaNkulunkulu," kusho uKhuzani.

Ingaphakathi leJaecoo J5 entsha

Image: Sithunyelwe

Ubonge abalandeli bakhe wathi ngesikhathi kubhekwa ukuthi ubani ongaqokwa babona yena ngoba enabalandeli. Uthe useyavuna ngokwesekwa yibo.

Uthe izimoto zakhe seziyapaka ngoba usehamba nge-J5 eyethulwe ngeledlule.

"Ngithanda izinto efika nazo ezinhle ngendlela eyisimanga. Iyimoto entofontofo, kulula nokuhamba ngayo. Ayinalo igiya konke ukwenza esiteringini. Kunciphisa amathuba okwenza ingozi ngoba konke kuphambi kwakho. Inendawo yokushaja ifoni ngokuyibeka nje, inefriji futhi uxhuma nefoni ufunde imiyalezo noma uyitshele ukuthi mayifonele bani. Noma uphaphalaza iyakubuyisa emgwaqweni futhi ayisuki ibhande ungalifakile. Uma kukhona into ngemuva ayisuki kumele uze wehle uyisuse wena ngisho noma kuthiwa kukhona intibane," kusho uKhuzani.

I-J5 iyimoto yesibili ukwethulwa kuleli yiJaecoo emuva kweJ7 ngo-2024. I-J7 ihlukene kabili njengoba kukhona neyi-plug-in hybrid.

Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiVortex, Glacier ne-Inferno futhi ingaphansi kuneJ7.

Zonke zinenjini engu-1.5 litre turbo kaphethroli enamandla angu-115kW ne-torque engu-230Nm. U-gearbox ungumshini ozishintshayo oyiCVT.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa inamarimu aphakathi kuka-17 no-18 inch namaLED headlights.

Njengoba ine-wheelbase engu-2 620mm nje, ngaphakathi ivulekile futhi nebhuthi ingu-480 litres.

Enakho ngaphakathi kubalwa i-screen se-infotainment esingu-13.2 inch oxhuma kuso iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, zual-zone automatic climate control, izihlalo ezifudumalayo ngaphambili nokunye.

Intengo:

  • JAECOO J5 Vortex: R 379 900 
  • JAECOO J5 Glacier: R 439 900 
  • JAECOO J5 Inferno: R 479 900

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-warranty yenjini yeminyaka engu-10 noma u-1 million womnikazi wokuqala wemoto