Ezemidlalo Ezezimoto

Buka: Iyangwang U9 Xtreme iqopha umlando ihamba ngo-496.22km/h

Fanelesibonge Bengu|Published

IYANGWANG U9 Xtreme eqophe umlando ihamba ngesivinini esingaphezu kuka-490km/h

Image: Yangwang

Bazishaya isifuba kwaBYD ngemoto yabo iYangwang U9 Xtreme eqophe irekhodi lokuba yimoto eshaye isivinini esiphezulu kunazo zonke ihamba ngo-496.22km/h enkundleni i-ATP Automotive Testing Papenburg eGermany.

IYangwang yinkampani yezimoto zikanokusho engaphansi kweBYD.

I-U9 Xtreme ithathe irekhodi ebeliphethwe yiBugatti Chiron Super Sport 300+ lika-490.484km/h.

Le moto enejubane lonyazi inezinjini zikagesi ezine. Injini ngayinye inamandla angu-555kW okwenza u-2 220kW uma esehlangene.

UMarc Basseng waseGermany obeyishayela ngesikhathi iqopha umlando uthe inamandla ababazekayo.

“Into efana nalena ngeke yenzeke ngenjini kaphethroli. Ngenxa yenjini kagesi, imoto ithule futhi akukho kushintsha nokungivumela ukuthi ngixile kakhulu emzileni,” kusho uBasseng.

Abayifunayo bazobalwa nengcosana yabakhethiwe njengoba kwakhiwa kuphela angu-30.

UStella Li oyi-Executive Vice President kwaBYD uthe yisikhathi sokuziqhenya kuwo wonke umuntu osethimbeni locwaningo nokwakha.