KUTHOLAKALE ukuthi amaFord Ranger athile kumele unyathele mawala amabhreki ukuze ame
Image: Sithunyelwe
I-NATIONAL Consumer Commission isikhiphe esinye isimemezelo ngezimoto okumele amakhasimende aziphuthumise emagaraji ukuze kuyolungiswa inkinga esitholakele kuzo.
Kulokhu ithe ngamaMercedes-Benz angu-102 athintekayo.
Izimoto ezinenkinga ngama-EQE amane kanjalo nama-GLC angu-98 zonke ezidayise phakathi kuka-2022 no-2025.
NgokweMercedes-Benz, amaphathi esiteringi awekho ezingeni njengoba okuhlanganisa isiteringi ne-steering rack kungase kuqaqeke ngokuhamba kwesikhathi. Lokhu kungenza imoto ingajiki nokwandisa amathuba engozi.
I-NCC ithe abanikazi balezi zimoto kumele bathinte amagaraji abo akwaMercedes-Benz ukuze ziyohlolwa futhi ziphinde zilungiswe.
Kwenziwa lesi simemezelo nje kukhishwe esinye esithinta izimoto zakwaFord Motor Company of Southern Africa.
Ezithintekayo ngamaRanger Wildtrak, Tremor nePlatinum ango-2025 no-2026.
Kuthiwa umshayeli engase adinge amandla athe xaxa ukunyathela amabhreki. Lokhu kungenza imoto ithathe ibanga elide ukuma nokungadala ingozi.
Izimoto ezithintekayo zingu-5 676. Abanikazi banxuswa ukuba bathinte amagaraji akwaFord ukuze ziyolungiswa mahhala.
Related Topics: