AMA-FORD Ranger angamasekeni ayathandwa ngabathengi KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
IKwaZulu-Natal isendaweni yesithathu ezweni ngokuthenga izimoto ezingamasekeni njengoba kudayiswe ezingu-43 613 noma u-12% ngonyaka wonke odlule.
Ngokocwaningo lwaminyaka yonke lwe-AutoTrader, iKZN ilandela iWestern Cape okuthengwe izimoto ezingu-67 801 neGauteng okudayiswe ezingu-201 443.
E-KZN kubonakala zishintsha izimoto ezithandwayo uma kuqhathaniswa no-2021. Ngaleso sikhathi kwakuthengwa kakhulu iVolkswagen Polo kodwa iFord Ranger sekuyiyo intandokazi.
Iyathandwa nakwezinye izifundazwe njengoba idayisa kakhulu eGauteng, Mpumalanga, Eastern Cape, Northern Cape naseNorth West.
Amanye amaveni ahamba phambili yiHilux esendaweni yesithathu ne-Isuzu D-Max ekweyeshumi.
I-SUV iToyota Fortuner isendaweni yesithupha ngokuthengwa eKZN.
Ucwaningo lwe-AutoTrader lwezimoto ezingamasekeni ezidayise kakhulu KwaZulu-Natal ngonyaka odlule wonke
Image: Sithunyelwe
Isikhulu se-AutoTrader uGeorge Mienie sithe yize iKZN ingadayisi kakhulu kodwa okwenzeka khona kuvula amehlo.
“Ushintsho lwesifundazwe luye ezimotweni ezihambisana nezidingo zempilo ikakhulukazi amaveni namaSUV kukhombisa ukuguquka kwabantu ngendlela abacabanga ngayo ngezimoto ezinesikhala, ezikwazi ukwenza okuningi futhi ezibiza kahle. Akukho mayelana nokuthi abantu bazothini kodwa kumayelana nokuthi ingena kanjani empilweni yansukuzonke okungaba ukuhamba emigwaqweni emibi noma ukuzikhipha ngempelasonto,” kusho uMienie.
Uthe amaveni angena khaxa empilweni yemindeni eminingi eKZN lapho ukuzikhipha ngempelasonto, imigwaqo ewubhuqu nokudinga imoto enkulu futhi evulekile kujwayelekile.
Ngo-2021 izimoto ezazithandwa kwakungamaVW Golf, Ford EcoSport neToyota Corolla Quest.
Njengamanje kuthandwa iRanger, Polo, Toyota Hilux Volkswagen Polo Vivo neSuzuki Swift.
Kuvela ukuthi iNissan NP200, yize ingasakhiwa, iyinyama emakhasimendeni.
Related Topics: