Ezemidlalo Ezezimoto

Kukhetha ukhethi iTata Motors ibuya emakethe yaseNingizimu Afrika

Fanelesibonge Bengu|Published

ITata Curvv eyiSUV engathi yi-coupé eyakhelwe abafuna imoto enesitayela

Image: Sithynyelwe

INKAMPANI yaseNdiya, iTata Motors, ikhuza ibuya ngamandla emakethe yaseNingizimu Afrika ngokwethula kanye kanye izimoto ezintsha ezine.

Yethule umncanyana iTiago (ungayiphambanisi neTaigo yakwaVW), i-SUV encane iPunch, iSUV ezishaya sa-coupe iCurvv nengumakhonya emndenini iHarrier. Kuzothi ekuqaleni konyaka ozayo zelanywe yiTata.

ITata ibuya kuleli emuva kokuhoxa ngo-2019. Isilethwa yiMotus Holdings eletha kuleli izimoto zezinkampani okubalwa kuzo iHyundai, Kia, Mitsubishi neRenault.

Yisikhulu seMitsubishi, uThato Magasa, esinikwe umsebenzi wokushayela inqola yakwaTata futhi sithi bazogxila kakhulu ekunakekeleni amakhasimende ukuze kungenzeki nakancane ukuthi asokole.

UMagasa uthe izinkampani ezintsha zingena emakethe yakuleli ngapha nangapha kodwa umbuzo omkhulu abantu abazibuza khona wukuthi uma izimoto sezingakubo bazozinakekela kanjani nokuyilapho abazoqinisa khona.

ITATA Tiago okuyi-hatchback engase ehehe kwabafuna imoto encane noma abazoyisebenzisela ukuthutha umphakathi ikhokhelwe ngebanga eliyihambile

Image: Sithunyelwe

TATA TIAGO

Phambilini, iTata yayidayisa i-hatchback encane i-Indica kodwa manje isineTiago. Ngiyibona ingeke igcine ngokuheha kwabasebasha kodwa nabasebhizinisini lokuthutha abantu abakhokhelwa ngebanga abalihambile bengase besondele ngakuyo. 

Njengoba ubude bungu-3 767mm, kuthi ububanzi bube ngu-1 940mm, izoncintisana nokubalwa kuzo iToyota Vitz, Suzuki Celerio, Hyundai Grand i10, Renault Kwid, VW Polo Vivo, Suzuki Swift nezinye.

Ifika ngezinhlobo ezine okuyiXM, XT neXZ+.

Zonke zinenjini efanayo engu-1.2 litre three-cylinder kaphethroli engenayo i-turbo.

Amandla ayo angu-63kW no-113Nm, ingenye yezinto kwaTata abaziqhakambisayo ukuthi athe xaxa kunawezinye izimbangi. U-gearbox uyi-5 speed manual okanye ozishintshayo oyi-5 speed AMT. Kuphethroli idla amalitha angu-5.0 ngo-100km.

Ngiyishayela eGoli, ibizwakala inamandla kahle nokho uma ungumuntu ofuna ibambe isivinini esiphezulu ungakulindela ukuthi wehlise amagiya. Phela idinga ukuthi ibuye iyolanda amandla ukuze izobamba ijubane ikakhulu endaweni enyukelayo ngale kwalokho izokhathala.

U-gearbox oshintshwayo yiwona engiwuncamelayo ngoba i-clutch ithambile namagiya angena kalula.

Phakathi kwezinto enazo kubalwa ibhuthi engu-242 litres, ama-airbag amabili ngaphambili, ABS, Electronic Stability Program nokunye.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa ungalindela amasondo anamakhava angu-14-inch okanye amarimu angu-15 inch, LED headlights, touchscreen infotainment system oxhuma kuyo i-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ikhamera eveza ingemuva nokunye.

Intengo

  • Tata Tiago 1.2 XM MT            R184 900
  • Tata Tiago 1.2 XT MT             R209 900
  • Tata Tiago 1.2 XT AMT           R224 900

Zifika ne-service plan yeminyaka emibili noma u-30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-125 000km.

TATA PUNCH

Amakhasimende abukeka ewathanda amaSUV amancane nokuyingakho kungathusi ukubona iTata ingafuni ukusala khona ngePunch.

Ihlukene ngezinhlobo ezinhlanu ezizobangisa iChery Tiggo 4 Pro, Nissan Magnite, VW T-Cross, Suzuki Fronx nezinye.

Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.2 litre three-cylinder kaphethroli. Amandla ayo angu-65kW ne-torque engu-115Nm iyenza yehluke kwiTiago. U-gearbox uyi-5 speed manual noma i-5 speed Automated Manual Transmission (AMT).

Yi-AMT engiyishayelile futhi indlela eshintsha ngayo ungathi uhamba nge-manual kodwa umehluko ukuthi ayikho i-clutch. Kunezikhawu lapho ibicinga khona amagiya, ikakhulukazi uma ugijima kodwa uma uhamba kancane ihamba kahle.

Ngasohlangothini lomgibeli bekunomsinjwana womoya ngaphandle obungekho ngakwelomshayeli.

Igabade ilishiye ngo-187mm nokwenza umgwaqo uwubone kahle.

Kwezokuphepha bafake i-ABS, ama-airbag amabili, Corner Stability Control ne-Electronic Stability Program.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa kukhona ene-sunroof, amarimu angu-16 inch nama-roof rails.

Izicabha zivuleka zibe u-90 degrees bese ngaphakathi ufica okuningi. Phakathi kwakho, isikhala esingu-366 litres ebhuthini, touchscreen infotainment system oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ikhamera eveza ingemuva, nokunye.

Intengo:

Tata Punch 1.2 Adventure MT                            R244 900

Tata Punch 1.2 Adventure + S MT                     R269 900

Tata Punch 1.2 Adventure + S AMT                   R288 900

Tata Punch 1.2 Accomplished + AMT                R309 900

Tata Punch 1.2 Creative + AMT                          R339 900

Ihlanganisa i-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-125 000km.

TATA CURVV

Kwabafuna i-SUV enesitayela ebukeka ezisha sa-coupé kwaTata balethe iCurvv engase ithathe abaningi.

Ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiPure +, Creative ne-Accomplished S.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa izinto enazo kubalwa amarimu angu-18 inch, amakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle, amalambu angamaLED ngaphambili nangemuva, izihlalo zesikhumba, panoramic sunroof, touchscreen infotainment system, ibhuthi evuleka ngogesi enesikhala esingu-500 litres nokunye.

Le SUV engu-4 308mm ubude futhi eshiye igabade ngo-208mm.

Emgwaqweni ihamba ngenjini engu-1.2 litre turbocharged kaphethroli enamandla angu-88kW ne-torque engu-170Nm. U-gearbox uyi-6 speed manual okanye ozishintshayo oyi-7 speed dual-clutch.

Ngale kokuthi i-accelerator isondele kakhulu ngasonqenqemeni lwemoto nokuthathe isikhashana ukujwayela, ibihamba kahle emgwaqweni. Ukuba yi-coupe kuyasitha kancane esibukweni sangemuva esiphakathi nendawo.

Kwezokuphepha inama-airbag ayisithupha, ABS nokunye.

Intengo:

Tata Curvv 1.2T Pure + MT                               R349 900

Tata Curvv 1.2T Creative DCA                           R419 900

Tata Curvv 1.2T Accomplished S DCA               R519 900

Zifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-125 000km.

INGAPHAKATHI leTata Harrier likhulu futhi eyakhelwe abanemindeni

Image: Sithunyelwe

TATA HARRIER

Kwabangazi, iTata Motors yengamele iJaguar Land Rover. IHarrier yakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo neseLand Rover esibizwa ngeD8 esisebenza nakwiDiscovery Sport.

Lokhu kuyenza ibe nenqwaba yezokuphepha nezinsiza zomshayeli okubalwa ama-airbag ayisikhombisa, Corner Stability Control, iyakusiza ukuhlala emzileni, Adaptive Cruise Control, iyazibhrekela uma izoshayisa, inama-sensor ngaphambili nangemuva kanjalo nekhamera eveza wonke umzimba ngaphandle.

IHarrier inamarimu angu-18 inch, amalambu angamaLED, ukhakhayi olunombala ohlukile kunomzimba, ama-roof tails nokunye.

Ngaphakathi ivuleke kahle nebhuthi engu-445 litres.

Okunye enakho yi-touchscreen infotainment system enkulu oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, i-digital instrument cluster, dual-zone automatic climate control, indawo yokuphumuza ingalo ngaphambili phakathi nendawo ephinde ibe ipholise iziphuzo ngaphakathi, isiteringi sikhanya uphawu lakwaTata, izihlalo ezisebenza ngogesi ngaphambili futhi ezipholayo nokunye.

Emgwaqweni ibizwakala inamandla kahle, ingehlisi ngisho amagiya uma udlula enye imoto.

Bayigaxe injini engu-2.0 litre turbo kadizili enamandla angu-125kW ne-torque engu-350Nm. U-gearbox uyi-6 speed automatic. Bathi idla 6.6l/100km kudizili.

Intengo:

Tata Harrier 2.0TD Pure + AT                                  R549 900

Tata Harrier 2.0TD Adventure + A AT                      R649 900

Tata Harrier 2.0TD Fearless + AT                            R699 900

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-75 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-125 000km.