IBMW M3 Touring Competition
Image: Sithunyelwe
UCWANINGO olwenziwe emazweni angaphezu kuka-20 lukhomba ngenjumbane abashayelli bamaBMW neKia njengabangaziphathi kahle emigwaqweni.
Lolu cwaningo olwenziwe yinkampani yomshwalense iMoneySuperMarket lubheke abashayeli abalinganiselwa ku-4 800 emazweni okubalwa kuwo iNingizimu Afrika, United Kingdom, United States of America ne-Australia.
Luthole ukuthi abashayeli bamaBMW babukeka njengabayingozi ngokuhamba ngesivinini esiphezulu, ukushayela budlabha nokungakhombisi ukuthi bazojikela ngakuphi ngokusebenzisa amalambu.
AbeBMW balandelwa ngabeMercedes-Benz, Audi, Tesla neSubaru ngokuhamba ngesivinini esiphezulu.
AbakwaKia bona kutholwe ukuthi bahamba kancane kakhulu. Abahamba ngeToyota, Volvo namaHyundai nabo bathintekile kulokhu kodwa bebengemuva kwabeKia ngokuhamba kancane.
Abahamba ngamaTesla kuthiwa bapaka kabi belandelwa ngabahamba ngamaFord, Hyundai, BWM namaKia.
Ucwaningo luphinde lwaveza abahamba ngamaVolvo njengabashayeli abazothile. Balandelwa ngabeToyota, Kia, Hyundai neHonda.
AbeVolvo futhi baphinde babe phambili ngokusebenzisa amalambu ukukhombisa ukuthi bajika ngakuphi futhi bangompetha nasekupakeni.
Related Topics: