I-VOLKSWAGEN T-Cross ebiza imali ephansi kulawo wonke, ifika namalamdbu angamaLED, amarimu angu-16 inch nokunye
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: VOLKSWAGEN T-CROSS
AMALUNGISELELO okuthi kwaVolkswagen Group Africa eGqeberha, bakhe i-SUV entsha ayaqhubeka njengoba esondela u-2027, ezoqala ngawo ukudayiswa.
I-SUV leyo igama layo izobizwa ngeTengo futhi izongena ngaphansi kwe-T-Cross. Singakashayi leso sikhathi, iT-Cross iyona encane oyitholayo emndenini amaSUV ale nkampani asanda kujoyinwa yiTayron.
I-T-Cross ifika kuleli ngo-2019, ivele yaphenduka intandokazi kubathengi. Namanje kusenjalo kodwa isithwele kanzima ngenxa yombango odla lubi esigabeni ekuso lapho kunezimoto okubalwa kuzo iChery Tiggo 4 Pro, Mahindra 3XO, Hyundai Venue nezinye.
I-VW T-Cross inezikhala ezanele zokubeka iziphuzo, iselula nokunye ngaphakathi
Image: Fanelesibonge Bengu
Ukuze izokwazi nokumelana nempi, kwaVW basanda kwengeza ebiza imali engaphansi kunalawa abekhona.
Kunegama eliye lisetshenziswe ezinkundleni zokuhumana ezimotweni ezibiza ngaphansi ngenxa yokungabi nakho konke. Bathi yi “poverty spec”.
Kwa-Volkswagen bazamile ukugwema ukuthi ingabizwa kanjalo ngokuyenza ibukeke ngaphandle. Bayifake amalambu angamaLED okungama-daytime running lights nama-headlights. Ama-headlights ayazikhanyisa uma selithambama.
Nangemuva futhi amalambu angamaLED. Okunye okuhle wukuyifaka amarimu angu-16 inch. Phela kwezinye uvele uthole amalambu angewona amaLED kanjalo nama-wheel cap emasondweni, uvele ubone ukuthi yi-poverty spec ngempela.
Uma ungena ngaphakathi akukho lutho okuwubutsetse lapha. Yakhiwe kahle yaqina noma uyithinta uyezwa ukuthi yimoto ongayigcina isikhathi eside nokuyinto emnandi.
Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system egqama kahle. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay ngaphandle kwentambo, udlala umsakazo nokunye. Cishe ukungabi nayo ikhamera eveza ingemuva uma upaka kungeminye yemizamo yabo ukuze kuzokwehla intengo. Okuhle kodwa wukuthi inawo ama-sensor ngakho akulula ukushayisa.
Okunye okugqame kahle yi-digital instrument cluster.
Inezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB, izindawo zokubeka izinkomishi nesikhala esikahle kwabanemindeni emncane njengoba yakhelwe phezu kwesisekelo esifanayo nePolo.
Izihlalo zangemuva uyakwazi ukuzisa phambili bese siyanda isikhala ebhuthini, sisuke ku-385 litres sibe ngu-455 litres. Lokhu ngezinye zezinto eziyenza yehluke ezimbangini.
Isikhalo esikhona ngePolo Vivo sokuthi amawindi angemuva asewumhlobo mdi asikho lapha ngoba asebenza ngogesi wonke. Nezibuko emaceleni yinto efanayo, nakhona zisebenza ngogesi futhi ziyafudumala ukuze zizokoma uma zimanzi.
Kunenjini engu-1.0 litre TSI enamandla angu-70 kW ne-torque engu-175Nm.
U-gearbox uyi-5 speed manual.
Emgwaqweni ihamba kahle njengoba amandla ayo angangayo. Emgwaqweni ovulekile asibi khona nesidingo sokwehlisa amagiya uma ufuna ukulanda amandla ngoba iyalibamba ijubane ilinyuse uma usufuna.
Izwakala yakhiwe kahle futhi nakuphethroli ayikhalisi. Edolobheni ibidla amalitha angu-7.4 ngo-100km. Ngithatha uhambo olude lokhu kwehlele ku-5.6l/100km nokuyinto enhle.
Inazo nezokuphepha abazifakile njengokuthi ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo, ama-airbag nokunye.
Intengo:
Volkswagen T-Cross – R399 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka ewu-12.
Related Topics: