I-BMW X3 entsha bayenze yaba nkulu kunendala
Image: Sithunyelwe
IMOTO: BMW X3
KUFIKE iBMW X3 ngonyaka odlule, endala ngisavele ngiyithanda, ikakhulukazi i-20d xDrive ngenxa yezizathu ezahlukene.
Ngale kokubukeka kahle kwayo nezinga eliphezulu ngaphakathi nendlela ehamba ngayo emgwaqweni kodwa into eyayingithatha kakhulu yinjini kadizili. Iyonga futhi inamandla kahle.
Ngingena kwentsha angiphoxekanga ngoba bayakhele phezu kwaleso sisekelo base beyenza ngcono ngaphandle kokuyona.
Nabantu babukeka beyamukele kahle ngoba emgwaqweni kukancane ngingahlangananga nayo naphezu kokuba siyancipha isibalo sabathenga izimoto zikaNokusho.
Izinga eliphezulu layo lifakazelwa ukuthi mina nozakwethu abangamajaji omncintiswano eSouth African Car of the Year sayivotela njengemoto yonyaka u-2025.
Okokuqala ngayo wukuthi ayiyimbi. Isinkulu futhi yinde kunendala kodwa base beyehlisa kancane okhakhayini.
I-BMW X3 eyakhiwa eNingizimu Afrika iyona ephethe isicoco se-2025 SA Car of the Year
Image: Sithunyelwe
Okunye okukhulu yi-grille yayo. Uma ufake iM Sport package Pro iyakhanya. Lokhu kwenza imoto igqame uma iqhamuka.
Okunye okufika neM Sport package Pro amalambu ahlukile, amabhreki eM Sport abomvu, umbala omnyama ocwebezelayo ezindaweni ezithile ngaphandle namabhande ezihlalo eM Sport.
Uma ungena ngaphakathi ubukhulu bayo uyabubona ngoba ivuleke kahle ukumumatha abagibeli abayisihlanu.
Isikhala ebhuthini, evuleka ngogesi, naso basandisile njengoba kwendala besingu-550 litres kodwa kule sesingu-570 litres. Uma ulalisa izihlalo zangemuva siba ngu-1 700 litres.
Ngaphambili kushaya umoya nesikhala sikhona. Ngale kwesisezicabheni nalapho ufaka khona okokuphuza naphakathi nendawo lapho uphumuza khona ingalo, esinye ngasegiyeni lapho uzibekela khona iselula ishaje ngaphandle kwentambo.
Igiya leli sekuyinkonobho encane nalokho okuyenza ibukeke kahle. Amabhathini wumlando kunalokho konke ukwenza kwiBMW Curved Display ngaphambili. Ngiyakuthanda kodwa ukuthi isekhona inkimbo enkulu ngezansi yokulawula okwenzeka khona uma unqena ukulokhu ithinta i-screen singaze singcole.
Uma ngithi konke ukwenza kwi-screen ngibala ukuhlela amazinga okushisa, ukudlala umsakazo, ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubona ngesimo semoto nokunye.
I-screen lesi sixhume kamnandi nese-digital instrument cluster.
Okunye abakushintshile yizimbobo zokukhipha umoya obandayo noma ofudumalayo okumele uzibukisise kahle ukuthi zisebenza kanjani zingaze zikubhayizise.
Ubuhle bayo ngaphakathi bupheleliswa yi-ambient lighting ekhaya ngaphambili ize iyoshaya ezicabheni nokwazi ukuyishintsha imibala ngokuthanda kwakho. Okhakhayini kunobhazabhaza we-panoramic sunroof engasavuleki egcina ngokungenisa ukukhanya kwelanga nabagibeli babone isibhakabhaka.
Ngaphansi kwebhonethi kwesihamba ngayo bayifake injini kadizili ne-48V mild-hybrid technology.
Inamandla athe xaxa kunendala ngo-5kW. Asengu-145kW ne-torque engu-400Nm.
U-gearbox ungumshini ozishintshayo oyi-8 speed othumela amandla kuwo womane amasondo.
Ngokwami iyona njini yokuthengwa lena kwiX3 ngoba ikunika konke. Amandla enele nokonga. Ngiyazi ukuthi kukhona neyi-plug-in hybrid kodwa le, yiyo engiyizwa ngaphakathi.
Ithule kahle ngaphakathi futhi intofontofo nasemgwaqweni. Kudizili ibidla amalitha angu-6.5 ngo-100km. Ngihambe 630km yaveza ukuthi isengahamba omunye u-345km nokuyinto enhle eyenza ungalokhu uvakasha egaraji.
Izinsiza zomshayeli nezokuphepha ongakulindela kwiBMW kukhona.
I-Audi Q5 esendleleni, kuzomele ifike iphethe okuningi futhi ibize kahle ukuze izokwazi ukuthatha abathengi beX3 ngale kwalokho, sizolokhu siyibona yanda emgwaqweni le moto eyakhiwa eNingizimu Afrika.
Intengo:
BMW X3 20d xDrive – R1 136 417.20
Intengo ihlanganisa iMotorplan, VAT nentela yeCO2.
Related Topics: