Ezemidlalo Ezezimoto

I-Tayron ijoyine umndeni wamaSUV akwaVW

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VW Tayron entsha yakwaVW ihlukene ngezinhlobo ezintathu

Image: SITHUNYLWE

IMOTO: VOLKSWAGEN TAYRON

EMINYAKENI eyisikhombisa eyedlule iVolkswagen South Africa yethula iTiguan Allspace eyabe ilayisha abagibeli abayisikhombisa.

Njengamanje kusele isitokwe esingaphansi kuka-40 njengoba isikhala sayo sesivalwa yiTayron okulindeleke ukuthi iqale ukutheleka emagaraji ngale mpelasonto.

ITayron ingena phakathi kweTiguan, okufike entsha ngonyaka odlule, neTouareg esanda kuthuthukiswa.

Ngingaze ngikhohlwe, njengoba sekuvele imibiko yokuthi iTouareg ngeke isakhiwa, kwaVW kuleli bathi basazoqhubeka nokuyidayisa kuze kube yisekupheleni kuka-2027.

Uma sibuyela kwiTayron (igama layo oliphimisa ngokuthi thay-ron), yinde futhi inkulu kune-Tiguan neTiguan Allspace engena esikhaleni sayo.

Empeleni yinde ngo-215mm uma uyiqhathanisa neTiguan ekhona njengamanje okuyenza ubude bube ngu-4 792mm.

NGAPHAKATHI i-VW Tayron ifika ne-screen se-infotainment esikhulu owenza okuningi kuso

Image: SITHUNYELWE

I-wheelbase ingu-2 788mm okwenza ikwazi ukulayisha abagibeli abayisikhombisa. Lapho ehluka khona kwiTiguan Allspace wukuthi uma uthanda, uyakwazi ukuthola elayisha abagibeli abayisihlanu kwazise ihlukene ngezinhlobo.

Izinhlobo zayo yiTayron okuyiyo efika nezihlalo ezinhlanu bese kuba yiLife neR-Line zona ezinezihlalo eziyisikhombisa. Phambili naphakathi nendawo isikhala sikhulu kuthi ezihlalweni zangemuva kuba yizingane ezingakhululeka.

Ezifana ngakho yinjini engu-1.4 litre TSI esebenza ngo-gearbox oyi-7 speed DSG. Inamandla angu-110kW ne-torque engu-250Nm.

Ezinye izinhlobo zezinjini okukhona kuzo neyi-hybrid zizolandela ngonyaka ozayo.

Injini ekhona ngiyizwe inamandla enele ngesikhathi siyivivinya sisuka eGoli sibheke eNorth West. Angikusho ukuthi besihamba sibabili emotweni kodwa akukho lapho ebengizwa khona ukuthi amandla ayashoda nokudlula ezinye izimoto bekuwubala. Vele akuyona imoto yejubane kunalokho eyokuthwala umndeni uhambe ngokukhululeka. 

Emgwaqweni ibintofontofo kungezwakali nokuthi ibifakwe amarimu angu-20 okuyinto oyikhetha uma uthanda. Ithule kahle nangaphakathi ingenamsindo.

Kuphethroli ibidla 6.9l/100km.

I-VW Tayron inophawu lakwaVolkswagen olukhanyayo ngemuva

Image: Sithunyelwe

Zonke zifika namalambu angamaLED ngaphambili nangemuva okuthi uma uthanda ufake ama-matrix LED headlights kwiR-Line. Uphawu lwakwaVW ngaphambili nangemuva luyakhanya.

Amarimu ezinawo aphakathi kuka-18 no-20 inch.

Uma uthanda kwiR-Line uyakwazi ukufaka iBlack Style Package ngaphandle eyenza ibe namarimu angu-20 inch, amawindi adimile ngemuva, ama-roof rails amnyama, izibuko ezimnyama nezinye izindawo ezinombala omnyama.

ITayron elayisha abagibeli abahlanu ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system engu-12.9-inch. Ibhuthi ingu-885 litrre okuthi uma ulalise izihlalo ibe ngu-2 090 litre.

Okunye enakho wukuthi iyakusiza ukupaka, iyasho uma kunemoto eseceleni, Adaptive Cruise Control futhi iyakusiza ukuhlala emzileni.

I-Life yona ngaphezu kwalokhu ine three-zone automatic air conditioner, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, ama-headlights ayazikhanyisa aphinde azidimele nophawu lwakwaVW olukhanyayo ngemuva nangaphambili.

I-R-Line, okuyiyo abayibona ukuthi izodayisa kakhulu njengoba kwenzeka kwezinye izinhlobo zezimoto zakwaVW, yona ifika nokuningi.

Ifika namaLED Plus headlights, izihlalo zesikhumba eziwotawotanayo ngaphambili, izihlalo zangaphambili ziyafudumala bese iba nemibala engu-30 okhetha ukuthi ikhanyise ngayo ngaphakathi.

I-armrest yangemuva ngaphezu kokuphumuza ingalo nokubeka iziphuzo ukwazi nokubeka i-tablet ukuze abagibeli bachithe isithukuthezi uma nithatha uhambo olude.

Uma uthanda kuzo zonke uyakwazi ukufaka i-panoramic sunroof evulekayo.

Okunye okwazi ukukwengeza yi-IQ.Drive Package okuyizinsiza zomshayeli ezahlukene eziqinisekisa nokuphepha.

Uma ungumuntu othanda ukudonsa inqola, uyakwazi ukwengeza i-towbar, amakhamera bese iyakusiza futhi ukuyidonsa kahle ngeTrailer Assist.

Izimbangi babala neChery Tiggo 8 Pro njengezinye zazo.

Intengo:

1.4 TSI Tayron DSG 5-seater – R811 800

1.4 TSI Life DSG 7-seater – R853 800

1.4 TSI R-Line DSG 7-seater – R899 900

Zifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, Service Plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-anti corrosion warranty yeminyaka engu-12.