Ezemidlalo Ezezimoto

Igaraji lasePinetown liqokwe nahamba phambili kwaHyundai

Fanelesibonge Bengu|Published

ISIKHULU sakwaHyundai Pinetown, uSidney Francis, siphahlwe wuMark Torrance (kwesokunxele) ophethe oHyundai eKZN naseWestern Cape noStanley Anderson ophethe uHyundai South Africa

Image: FANELESIBONGE BENGU

SIPHELELWA amazwi okuchaza injabulo yaso isikhulu sakwaHyundai Pinetown, uSidney Francis, ngokuqokwa kwegaraji laso njengelinye lahamba phambili kwaHyundai emhlabeni jikelele.

IHyundai Pinetown ibalwa nangu-100 aphambili emagaraji angu-4 984 emhlabeni jikelele ngo-2025.

Isikhulu sakwaHyundai South Africa, uStanley Anderson, sithe e-Afrika naseMiddle East kubhekwe amagaraji angu-376.

“Ayisishiyagalolunye akhethwe aba kwangu-100 ahamba aphambili futhi i-Pinetown ibe sendaweni yesithupha. Lokhu kusho ukuthi iPinetown iku-2% wamagaraji akwaHyundai ahamba phambili emhlabeni jikelele.

Phakathi kwezinto ezibhekwayo wukudayisa nokunakekela abantu. Ngaphezu kokuthatha izincomo zamakhasimende, bekuphinde kutshalwe abanye abazenza amakhasimende ukuzohlola ukuthi umsebenzi wenziwa kanjani.

U-Anderson uthe leli garaji livulwe ngo-2002, linabadayisa izimoto abathathu. Ngaleso sikhathi lalidayisa izimoto ezine ngenyanga.

Njengamanje kuqashwe abasebenzi abangu-105 futhi izimoto ezintsha ezidayisa khona zingu-125 kuthi ezingamasekeni zibe ngu-110.

UFrancis odlondlobale ngaphakathi egaraji ngaphambi kokuba wumphathi ngo-2022, uthe akanawo amazwi okuchaza indlela abajabule ngayo.

“Njengomuntu omnyama ophethe layi khaya lokhu kuyangikhuthaza kakhulu ukuthi abasebenzi bami bakwazi ukuthi bavuke ekuseni baziqhenye, bakwazi ukuthi beze emsebenzini… Ngiyaziqhenya ngijabule kakhulu. Ngiziqhenya kakhulu ngethimba lami ngendlela esisebenza ngalo siyabambisana,” kusho uFrancis.

Uthe kuningi okubhekiwe ukuze bazuze impumelelo yabo. Uthe abantu bebebuzwa ukuthi bengabayalela yini abanye ukuthi beyothenga kuleli garaji. Uthe basevisa izimoto ezingaphezu kuka-70 ngosuku futhi nalawo makhasimende ayabuzwa ngempatho.

“Okubalulekile kakhulu esikhethwe ngakho yimpatho. Yebo, kukhona lapho esibuye sidembesele khona kodwa siyalandelela. Iyona nto esenze sifike lapha, ukudayisa nempatho,” kusho uFrancis.