Ezemidlalo Ezezimoto

Unamaphupho amakhulu uFaith osanda kujoyina i-Audi

Fanelesibonge Bengu|Published

U-FAITH Ntokozo Sikosana osanda kuthatha izintambo njengemenenja yezokuXhumana nobuDlelwano kwa-Audi South Africa

Image: SITHUNYELWE

UTHANDO lwezimoto luqale ekhaya uyise enezimoto ezinhlobonhlobo kuFaith Ntokozo Sikosana osanda kuthatha izintambo njengemenenja yezokuxhumana nobudlelwano kwa-Audi South Africa.

UFaith (27) uthe ngesikhathi esakhula eMpumalanga nabazali nezingane zakwabo, uyise wayenezimoto zejubane ezahlukene.

“Izikhathi eziningi ezimnandi engizikhumbulayo ngiseyingane yingesikhathi sihambela izwe lonke ngemoto nomndeni sithola izindawo ezintsha,” kusho uFaith ongashadile futhi ongenazo izingane.

Le ntokazi esencane izichaza njengomuntu onamaphupho futhi oyithandayo impilo. Yingakho abantu ebasondeza eduze kungabazoyenza idlondlobale ibe wumuntu efuna ukuba wuye ngomuso.

Lowo muntu efuna ukuba wuye wusomabhizinisi.

“Njengomuntu onamaphupho amakhulu ngikholelwa ekuziphatheni kahle, ekuphokopheleni nasekunikeleni ukwakha impilo engiyifunayo. Ngifuna ukuzikhulisa ngiveze amakhono namathalente ami ngigcina ngingena ebhizinisini. Iphupho lami wukuzakhela into yami ehlanganisa ubuciko, amaqhinga nokwakha ubudlelwano ngendlela ezoshiya umaka.”

UFaith, ogabe ngeziqu zeBCom in Digital Marketing azithola eVega, eThekwini, wengamele ezokuxhumana kwa-Audi South Africa, izinkundla zokuxhumana nobudlelwano.

“Umsebenzi wami uhlanganisa ukusebenza eduze nesibambisene nabo ukwenza isiqiniseko sokuthi izikhangiso, okwezinkundla zobuxhumana nezinhlelo zobudlelwano ziyahambisana futhi zenziwa ngokwezinga eliphezulu. Kusuka ekuqhamukeni nezinto ezizokwenza abantu bakhulume ezinkundleni zokuxhumana, ukuqinisa ubudlelwano nabezindaba, ukuqinisa ukuthembeka namakhasimende, usuku nosuku lumayelana nokwakha nokunakekela ukuxhumana namakhasimende ethu.”

Ngaphambi kokujoyina i-Audi, uFaith uqale kwaVodacom njenge-Intergrated Digital Coordinator Specialist. Emuva kweminyaka emibili udlulele kwiFierce Global iminyaka emine lapho ebebhekelele izinkundla zokuxhumana kwa-Audi South Africa.

Ithuba lokuthinta abantu ngomsebenzi wakhe yikho okumgqugquzelayo. Nokwazi ukuthi umsebenzi awenzayo ungagqugquzela abanye nokuvulela abanye amathuba kumnikeza umfutho.

Esakhuluma ngamathuba, uthe inyanga yabesifazane, esongwayo, imkhumbuza ngomsebenzi obahlalele wokuqhubeka nokuvulela abanye besifazane ukuthi badlondlobale kunoma iyiphi imikhakha.

Uthe yize imboni yezimoto isagcwele abesilisa kodwa akukho abesifazane abangeke bakwazi ukukwenza.

“Akukho mayelana nokuthi imboni ayibathandi abesifazane kodwa kuwukugqugquzela abaningi bethu ukuthi bahlabele phambili sithathe indawo yethu. Zonke izinsuku ngigqugquzelwa engikubona kwa-Audi South Africa lapho ethimbeni kugcwele abesifazane. Lokhu kuyakhombisa ukuthi abesifazane bayakwazi ukuqhakaza kulo mkhakha. Kunoma yimuphi owesifazane ocabanga ukungena embonini, zazi, zethembe futhi ungalindi mvume yamuntu ukufuna ukufeza amaphupho akho.”

Njengowesifazane ozithandela izimoto zezinga eliphezulu, uhamba nge-Audi A3 Sportback Black Edition.

“Engikuthanda kakhulu yindlela eyakhiwe ngayo yase ifakwa ne-black styling package. Ubuhle ngaphandle nengaphakathi elisezingeni kuhlangene kunginika konke engikufunayo emotweni e-sporty, ebukeka kahle futhi ekhombisa ukuthi ngingubani.”