IFord Ranger Wildtrak X
Image: Sithunyelwe
ISIKHULU esiphezulu eFord Motor Company of Southern Africa (Manufacturing) (Pty) Ltd, uNeale Hill, sithi isicelo abasenzile sokuthi amakhasimende alethe ezinye zezimoto zabo ziyolungiswa izinkinga asebezihlonzile akungawafaki itwetwe.
UHill uvule isifuba sakhe ngalolu daba lokulanda kwezimoto zakwaFord ngesikhathi kwethulwa ngokumsethweni iFord Torneo Custom Sport neTorneo Titanum X eZimbali ngoLwesithathu.
“Ukulandwa kwezimoto ziyohlolwa kwenzeka yonke indawo. Kuyenzeka nasezintweni ezifana nama-toaster. Kodwa ngoba yizimoto kubhebhetheka masinya. Igxathu esilithathile singuFord yingoba asifuni ukuthi amakhasimende ethu angene engozini. Amakhasimende ahamba phambili kithi siwuFord ngakho-ke, ngeke sisonge izandla uma kunento eshayisa amakhala ezimotweni ezikhiqizwa yithi,” kusho uHill.
UMatthew Buck, ongomnikazi weCMH Ford eBallito, unanele wathi: “IFord ayisibona omafikizolo ekukhiqizeni izimoto. UFord uneminyaka engaphezu kweyikhulu ekhiqiza izimoto eNingizimu Afrika. Ngakho-ke ngeke sizithele ngabandayo uma kukhona inkinga ezimotweni zamakhasimende akwaFord. Angumndeni. Uma ikhasimende lakwaFord linenkinga kufanele ngisukume ngokushesha ixazululwe leyo nkinga. Amakhasimende ethu ayikho konke kithi, angumndeni wakwaFord. Uma linenkinga ngingancamela ukulinika lena engihamba ngayo.”
UFord ubhekene nalesi simo nje, ngoJulayi wenze isimemezelo sokuthi amakhasimende amaRanger nama-Everest akhiwa ngo-2022 kuya kuMashi 2025 kumele abuyiswe ayolungiswa inkinga yokuthi injini ivele icime. Kube namaPuma okutholwe ukuthi angase abe sengcupheni yokuvuzelwa wuphethroli noma injini icime nama-EcoSport aphelelwa amandla uma ehamba noma anyakaze ngisho imoto ikuP.
Izinkinga zakamuva asebezihlonze ezimotweni zabo zahlukene okuzodinga ukuthi amakhasimende azibuyise ziyolungiswa mahhala.
AmaRanger ayisishiyagalombili akulo nyaka kutholwe ukuthi anenkinga kwi-gearbox. Kuyenzeka uyifake ku-reverse kodwa ingahlehli. Kokunye ivele iye phambili noma iku-neutral yenze okufanayo. Ithe amaphathi okulungisa lokhu alindeleke ngo-Okthoba.
KunamaMustang, EcoSport, Ranger nama-Everest angu-33 akhiwe phakathi kuka-2018 no-2013 adinga ukuyofakwa i-iSYNC software yakamuva ye-infotainment.
Kutholakale ukuthi uma uyidumisa noma uyicima kuyenzeka ingasebenxi kahle ivele ibe mnyama uma uhlehla noma isithombe sekhamera yangemuva uma uhlehla sime singanyakazi ngisho ingasahlehli. Ithe lokhu kungedusa abashayeli ngokuthi imoto ikuphi nokungababeka engcupheni yengozi.
I-software izofika engekota yesithathu yonyaka.
Enye i-software ezofika ngekota yesithathu ngeyama-Everest, Ranger namaTransit Custom angu-21 736 akhiwe phakathi kuka-2021 no-2025.
Kuvela ukuthi i-screen se-infotainment sivele sime bese siba mnyama kulandele ngokuthi siqale phansi yonke into. Lokhu kungenzeka uma imoto ihlehla bese isithombe siyama singanyakazi, singaveli noma sibe nokubambezeleka.
Lezi zimoto azidayiswanga kuleli kuphela kodwa ziseBotswana, eSwatini naseNamibia.
Amakhasimende anongabazane ngezimoto zawo ayanxuswa ukuthi angene kwi-website ethi www.ford.co.za/owner/recalls/ maqede afake iVIN number.
Related Topics: