I-AUDI A5 Sedan entsha yinde futhi inkulu kune-A5 Sportback yakudala
Image: Fanelesibonge Bengu
IMOTO: AUDI A5
EMINYAKENI edlule i-A4 kwakuyiyona moto eyayiyintandokazi ezimotweni zakwa-Audi kodwa zajika izinto ngenxa yokunyuka kothando lwamaSUV.
Ngokocwaningo lwe-Audi South Africa, ngo-2019 ama-sedan omntakabani ayedayiswa kuleli ayengaphansi kancane kuka-13 000.
Lapha ngibala awakwaMercedes-Benz, BMW nezinye izinkampani ezakha ubutsetse bezimoto.
Ngokocwaningo lwamanje, kulo nyaka kulindeleke ukuthi kudayiswe angaphezulu kancane kuka-3 600.
Kungaleso sizathu besaqhubeka nokuwaletha kuleli ukubhekelela lelo dlanzana lamakhasimende angayingeni indaba yamaSUV okuyiwo aseheha abaningi.
Kuleli sonto bethule i-A5 sedan entsha ceke evala isikhala se-A4 engasakhiwa.
I-AUDI A5 ifika nangeBlack Edition esesithombeni eyenza amarimu abe mnyama, amakhava ezibuko nokunye
Image: Fanelesibonge Bengu
Cishe bancane, uma bekhona, abangangiphikisa uma ngithi yinhle. Ibukeka kahle kakhulu ngama-criss enawo emzimbeni.
Ngaphambili ishaya nge-Singleframe grille ebanzi.
I-Audi iyaziwa ukuthi ayigeji ngamalambu nakulena yinto efanayo. AngamaLED okuthi uma uthanda ufake asezingeni eliphezulu.
Ngaphandle ifika iyiS line ehlanganisa namarimu angu-19-inch nebhuthi evuleka ngogesi.
Uma uthanda ufaka iBlack Edition eyenza ukuthi ibe mnyama ophawini lwakwa-Audi, amarimu, amakhava ezibuko, amawindi angemuva bese iba nama-brake calipers abomvu.
I-A5 Sedan yinde njengoba ine-wheelbase engu-2 900mm. Ubukhulu bayo ububona uma ungena ngaphakathi njengoba inodedangendlale wesikhala.
UMA uthanda ufaka i-screen ngasohlangithini lomgibeli ngaphambili kwi-Audi A5 entsha
Image: Fanelesibonge Bengu
Esebhuthi sona singu-445 litres okuthi uma ulalise izihlalo sibe ngu-1 299 litres.
Ubukhulu kodwa akuyona kuphela into eheha ngayo ngengaphakathi layo.
Amehlo avele athathwe yingaphambili lapho kunobhazabhaza bama-screen abheke ngakumshayeli.
Esiphakathi nendawo singu-14.5-inch nokungesokudlala umsakazo, ubuka ama-video kuYouTube, uhlela amazinga okushisa, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay nokunye.
Ngisakhuluma ngokudlala umsakazo, izipikha ngezeBang & Olufsen futhi uma uthanda wengeza ezikuma-headrest ezihlalweni zangaphambili.
Esinye ii-screen esiphezu kwesiteringi singu-11.9-inch. Ukuze amehlo omshayeli angasuki phambili, i-head-up display bayengeze eminye imininingwane evela kuyo.
Uma uthanda uyakwazi nokufaka i-screen sesithathu esingu-10.9-inch ohlangothini lomgibeli ngaphambili njengakwiMercedes-Benz E-Class.
Umgibeli uzidlalela ama-video uma ethanda, abone inkombandlela nokunye umshayeli engaboni ukuze engeke aphazamiseke.
Okhakhayini uma uthanda ufaka i-panoramic glass sunroof engavuleki. Inobuchwepheshe besimanje bokuthi ibe nethunzi lapho uthanda khona ngokuthinta ibhathini.
Uma ungumuntu othanda ubuchwepheshe besimanje ukhethaemaqoqweni amabili ezinto ongazengezza okuyiTech plus neTech pro. ITech plus yengeza amaMatrix LED headlights, digital key, 360-degree camera nokunye. I-Tech pro inakho konke okukwiTech plus bese yengeza amalambu angama-OLED ngemuva, i-screen somgibeli nokunye.
Okwamanje kunezinhlobo ezimbili zezinjini zikaphethroli okukhethwa kuzo. Ekadizili izolandela ngonyaka ozayo kanjalo neS5 Avant.
Zombili izinjini zikaphethroli zingu-2.0 TFSI no-gearbox oyi- seven-speed S tronic dual-clutch bese zihlukana ngamandla.
Eyokuqala inamandla angu-146kW ne-torque engu-340Nm futhi idonsa ngamasondo angaphambili.
Eyesibili wonke amandla angu-200kW ne-torque engu-400Nm iwafaka kuwo wonke amasondo.
Intengo:
Zonke zifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.
Related Topics: