Ezemidlalo Ezezimoto

IVolvo EX30 Cross Country kagesi yenza kube lula ukuvakasha emakhaya

Fanelesibonge Bengu|Published

I-VOLVO EX30 Cross Country entsha eshaya ngombala uSand Dune

Image: Sithunyelwe

IMOTO: VOLVO EX30 CROSS COUNTRY

KUBE yisonto elibalulekile kwaVolvo Car South Africa bethula imoto yabo yokuqala ngqa ehamba ngogesi ukuthi ifakwe uphawu lweCross Country, i-EX30 Cross Country.

Ngaphezu kwalokho, kwamukelwe nesikhulu esisha esiphezulu, uGrant Locke, ovela lapho iVolvo idabuka khona eSweden.

ULocke uthe umsebenzi wakhe ukuzokwenza isiqiniseko sokuthi iVolvo iyazinza eNingizimu Afrika. Yingakho bandisa nesibalo samagaraji abo ngokuvula elisha eGqeberha. Kunamanye asasetshenzwa eNelspruit naseBloemfontein. Uma sekulungile ayoba wu-10 esewonke kuleli ezifundazweni ezehlukane.

NGAPHAKATHI ayinalo uxhaxha lwamabhathini, konke ukwenza kwi-touchscreen phakathi nendawo

Image: Sithunyelwe

Okunye okuzoqinisekisa uzinzo uthe ukwethula izimoto ezintsha. Maduze bazoletha iXC90 neXC60 ezithuthukisiwe bese kuthi unyaka ozayo, bawuvule nge-ES90.

Efikile kuleli sonto yi-EX30 Cross Country (CC) esuselwe kwi-EX30 eyethulwe ekuqaleni konyaka odlule.

Umlando wamaCross Country kwaVolvo uqale ngo-1997 ngeV70XC. Uqhubeke ngezinye okubalwa kuzo iV40 CC, V60XX neV90CC. Bathatha imoto ejwayelekile bayishintshe lapha nalapha ukuze izomelana nobhuqu ukwazi ukuvakasha kalula emakhaya.

I-VOLVO EX30 Cross Country ishiye igabade ngo-190mm

Image: Sithunyelwe

Njengoba le nkampani iseqhulwini ekwakhiweni kwezimoto zikagesi emhlabeni jikelele, i-EX30 yiCross Country yokuqala engawusebenzisi uphethroli.

Njenge-EX30 Ultra, inezinjini ezimbili zikagesi ezikhafula amandla ahlanganisiwe angu-315kW ne-torque engu-543Nm. Amandla ayenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.7 kanti ijubane elikhulu ligcina ku-180km/h.

Isebenza ngebhethri engu-69 kWh abathi uma ulishaje lagcwala ungahamba 427km. Ukuyishaja endaweni esheshayo (DC charger) bathi kuthatha imizuzu engu-26 usuka ku-10% uya ku-80%.

Ngiyishayela ePitoli, lapho ibiyethulwa khona ngithande ukuba ntofontofo kwayo ikakhulukazi obhuqwini. Phela yakhelwe labo bantu abathanda nokuphuma beshaye izindawo engingazi bazoshaja kanjani uma sebephume kakhulu emadolobheni.

Nokho ihamba kahle njengoba beyishintshe ishesi futhi iyabambelela njengoba idonsa ngawo womane amasondo.

Bayenze yaphakama ngo-19mm uma uyiqhathanisa ne-EX30 ejwayelekile njengoba igabade ilishiya ngo-190mm.

Uma kungekho ozokulayisha, ngingakucebisa ukuthi ungawufaki ubhasikidi osokhakhayini ngoba unomsindo.

Ukuphakama kwayo akukona kuphela okuyenza yehluke kune-EX30.

Ngaphambili imnyama ngasophawini lwakwaVolvo. Iphinde ibe ne-skid plate esiVapour Grey kungakhathalele ukuthi uyithola ngamuphi umbala kwemihlanu okhetha kuyo okubalwa noSand Dune omusha. Amakhwapha amasondo bawenze aqumba lapho kunamathayi anamarimu ahlukile angu-19 inch.

Ngemuva iphinde ibe mnyama esivalweni sebhuthi, ine-skid plate esinombala ofana nakwesangaphambili, bese iba nobhampa omnyama ngezansi.

Ngaphakathi iyafana ne-EX30 ejwayelekile, akunaxhaxha lwamabhathini. Konke ukwenza kwi-touchscreen infotainment system esingu-12.3 inch ngaphambili. Uma ngithi konke ngibala nokuhlela izibuko zasemaceleni. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ubona khona inkombandlela nokunye.

Ngaphakathi ivuleke kahle nebhuthi ingu-400 litres isikhala.

I-Volvo iyaziwa ngezokuphepha nakule abakushintshanga lokho. Kunenqwaba yezinto okubalwa kuzo i-Adaptive Cruise Control, iyazibhrekela uma izoshayisa ngisho ohamba ngezinyawo noma ibhayisikili, iyakusiza ukupaka, iyasho uma uphuma emzileni nokunye. Kuphinde kube nama-airbag nokunye.

Intengo:

Volvo EX30 Cross Country – R1 165 000

Ifika ne-maintenance plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km, warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, warranty yebhethri yeminyaka emihlanu, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu, ukushaja mahhala ezindaweni zomphakathi iminyaka emibili, ukufakelwa ishaja yasekhaya ne-data engu-10gb ngenyanga iminyaka emithathu.