I-BYD Dolphin Surf ezokwethulwa kuleli maduze
Image: Sithunyelwe
INKAMPANI yaseChina iBYD ithi ifuna ukwenza izimoto ezihamba ngogesi zitholakale kalula eNingizimu Afrika ngokwethula iDolphin Surf.
Uma isifika ngenyanga ezayo, kulindeleke ukuthi ibe nentengo eqala ngaphansi kukaR400 000 nokungayenza kube yiyona eshibhile kunazo zonke ezikagesi kuleli.
Ebiza imali ephansi ekhona njengamanje yiDayun 5 eqala kuR399 900.
I-BYD Dolphin Surf kulindeleke ukuthi ibe ngezinye zezimoto zikagesi ezibiza imali ephansi kuleli
Image: Sithunyelwe
IDolphin Surf bathi yakhelwe izitshudeni, abasebasha abasebenzeyo namakhosikazi afuna imoto yokulanda izingane esikoleni nokwehla enyuka nabafuna.
Le moto okuyiyona encane kwaBYD phesheya inebhethri engu-30kWh ongakwazi ukuhamba ibanga elingu-2200km noma u-356km edolobheni. Enye inelikhudlwana elingu-43.2kWh ongahamba 322km ezimeni ezahlukene noma u-507km edolobheni.
Uyakwazi ukuyisebenzisa njenge-power bank ukuxhuma izinto zikagesi ezinkudlwana kuyo ngaphandle.
Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system engu-10.1 inch ephendukayo. Ukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.
Okunye enakho kubalwa ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, cruise control, ABS nokunye.
Kwiselula ufaka i-app yakhona oyisebenzisa ukuyikhiya noma ukuvula imoto, ukubheka ukuthi ibhethri ingakanani, ukubheka imoto ukuthi ikuphi nokuhlela amazinga okushisa ungakangeni kuyo.
Related Topics: