UNKK Mmathapelo Khumalo oyisikhulu sakwaCitroën South Africa
Image: Sithunyelwe
UKUNGENA emkhakheni wokudayisa izimoto akuyona into ayeyiphupha kodwa njengoba esephakathi usekufanisa nobizo uNkk Mmathapelo Khumalo oyisikhulu sakwaCitroën eNingizimu Afrika.
UKhumalo (39) wayethanda ukusebenza emkhakheni wamabhange kodwa impilo yambeka lapho ekhona manje.
“Ngineziqu zeBCom in Financial Management neHonours in Bcom Business Management egxile kwiFinanciall Mangement futhi njengamanje ngisekujuleni kwezifundo zeMPhil in Corporate Strategy. Angikaze ngikuhlele ukungena emkhakheni wezimoto. Sengisebenze ezinkampanini ezintathu, iStellantis (eyengamele iCitroën) ngeyesine. Ngichithe iminyaka eyisishiyagalombili emkhakheni wezezimali, eyisithupha ekuqhamukeni namaqhinga okudayisa manje sengenza engikuthandayo okuwukugqamisa inkamani nokumaketha. Ukuhola iCitroën South Africa kungaphezu komsebenzi, kuwubizo,” kusho uKhumalo.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neSolezwe Ngempelasonto uthe ukhulele ePitoli kuwuyena yedwa intombazane ebafaneni ababili.
Lokho kwamphoqa ukuthi abe nobuhlakani ngisho bokuthatha i-remote yethelevishini.
Ekhaya yilapho okwatshaleka khona imbewu yokuthanda isikole kodwa engakukhohliwe nokudlala njengezinye izingane.
“Ngiqhamuka emndenini wezifundiswa ngoba abazali bami bobabili baneziqu zobudokotela. Esidlweni sasebusuku kwakuba sengathi sabelana ngemibono.”
Njengamanje uKhumalo usenowakhe umndeni njengoba eshadile wabusiswa nangezingane.
“Ngishade nebutho lakwaZulu futhi sindawonye sikhulisa izingane zintathu zimangalisayo okuwumfana oneminyaka eyisishiyagalolunye, intombazane eneminyaka eyisikhombisa nenye maduze ezohlanganisa iminyaka eyisithupha. Ukuba wumama kungifundise ukuthi ukuba wumholi kuqala ekhaya futhi ukubonisana nezingane kuyindlela ekahle yokuziqeqeshela amaqhinga asemsebenzini!” kusho uKhumalo ozifela ngokujima, ukudlala i-netball ne-30 Seconds.
ICitroën C3 Aircross
Image: Sithunyelwe
Umsebenzi wakhe njengesikhulu uhlanganisa ukwenza isiqiniseko sokuthi le nkampani yaseFrance iyandlondlobala kuleli nezimoto zayo ziya ngokwanda.
“Ngibhekelele ukuthi yini thina esiyimele njengenkampani, ukukhula emakethe nokwenza isiqiniseko sokuthi iCitroën iyabonakala emigwaqweni yaseNingizimu Afrika futhi iletha ukuba ntofontofo, okusha nobutsetse baseFrance. Ngaphezu kwalokho, nginenhlanhla yokuba yingxenye yokwakha inkampani ekhuluma nabantu, ikakhulukazi abesifazane abafuna okungaphezu kwemoto. Bafuna uphathina wohambo lwempilo.”
Phakathi kwezimoto ezidayiswa kule nkampani kukhona iC3 neC3 Aircross. Yize enethuba lokuhamba ngezinye izimoto zezinkampani ezingaphansi kweStellantis (Alfa Romeo, Citroen, Fiat, Jeep, Opel, Peugeot nezokwethulwa maduze iLeapmotor), uzifela ngeC3 Aircross Max A/T elayisha abagibeli abayisikhombisa ngoba ikahle emndenini wakhe.
“Iyimoto enhle yasedolobheni emelana nezidingo zawo wonke umuntu kungakhathalele ukuthi uwedwa, wengeza umndeni noma usuthathe umhlalaphansi. Igcwele inqwaba yezinto. Iphethe isitayela, ine-10” HD touchscreen, ixhuma i-Apple CarPlay ne-Android Auto ngaphandle kwentambo uma sesincintisana ngokucula nezingane, inama-airbag ayisithupha, indawo yokufasa isihlalo sengane ne-ESP esigcina siphephile emigwaqweni yaseNingizimu Afrika.”
Ngesikhathi imoto ihamba ngophethroli yena uthe okumphushayo wukwenza umthelela. Ubuswa wukuthi sonke isinqumo asithathayo singavulela omunye umuntu iminyango ikakhulukazi amantombazane asemancane adinga ukubona ukuthi ubuholi abuqhamuki ebaleni elithile noma ebulilini obuthile.
“Ngiphushwa nawukuqhamuka nokusha nogqozi lokushintsha ikusasa lezokuthutha ngobuqotho nangokuvulela wonke umuntu.”
Ngokwezinhlelo zakhe zangomuso ufuna ukuphothula izifundo zakhe kodwa ngaphezu kwaloko wukukhulisa iCitroën ibe yintandokazi yenkampani kuleli. Ufuna nokukhulisa abesifazane abasencane enze inkundla yokuthi badlondlobale.
Njengoba kuyinyanga yabesifazane uthe kuye isho ukubungaza amavulandlela nokulekelela abanamaphupho okulandela kulezo zinyathelo.
“Iyisikhumbuzo sokuthi izwi lethu libalulekile, izindaba zethu zibalulekile nokuthi ukuba khona kwethu kuzo zonke izimboni, okuhlanganisa neyezimoto, akugcini kuphela ngokwamukeleka kodwa kuletha ushintsho.”
Ugqugquzele abesifazane abafuna ukungena kule mboni ngokuthi abanyathele ngenhloso ngoba imibono yabo iyadingeka. Uthe abangalindi mvume, ababuze imibuzo enzima bakhe ikusasa.
“KwaStellantis South Africa nakwaCitroën, asigcini nje ngokuvulela abesifazane isikhala kodwa sibanikeza nokhiye.”
Related Topics: