Ezemidlalo Ezezimoto

Kuthinta okuningi ukwenza imoto ivikeleke enhlamvini

Fanelesibonge Bengu|Published

I-BMW X3 eyenziwe ngabeSVI Engineering ukuvikela abaphakathi ukuthi bangadubuleki ngesibhamu i-9 mm ne .44 Magnum

Image: Sithunyelwe

Phambilini izimoto ezikuvela ukuthi ingangeni inhlamvu kuzo zazihama abantu abavikela impilo yabo esengcupheni noma izimpahla ezithuthwayo.

Manje uthando lwazo luya ngokunyuka kubantu abafuna ukuzivikela kubaduni nakobunye ubugebengu.

Lokhu kungadala ubungozi okungenzeka ukuthi abanye abashayeli bebengazi ngakho.

Isikhulu seMasterDrive, u-Eugen Herbert, sithe kuya ngemoto yakho kodwa lokhu kungengeza isisindo esiphakathi kuka-180kg kuya ku-500kg.

"Ukwenza imoto yakho ukuthi ingadubuleki kungashintsha indlela yokushayela. Isisindo esengeziwe sinemithelela eminingi edinga ukuthi abashayeli bashintshe indlela yokushayela ukuze bamelane nakho. Ingabe lokhu kusho ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kumele bayeke ukuvikela izimoto zabo? Cha, akusho lokho kodwa umuntu kumele athathe izinyathelo acabanga ukuthi zifanele ukunciphisa ingozi angase abe kubo. Kusho ukuthi kumele uzilungiselele ngokwanele ukuthi kuzoba nomthelela ongakanani endleleni oshayela ngayo ngokosizo lokuqeqeshelwa ukushayela imoto ekuvikela enhlamvini," kusho uHerbert.

Yikuphi okuthinteka emotweni yakho ngokuyenza ukuthi ikuvikele:  

Ukubhreka: Uma imoto isinda, kuzoyithatha isikhathi eside ukuthi ime. Uma ubheka isibalo sabashayeli baseNingizimu Afrika abachusha phambi kwamaloli amayo, kuyakhombisa ukuthi abaningi abakuqondi ukuthi isisindo siliphazamisa kanjani ibanga lokubhreka.

Isisombululo: Abashayeli kumele bafunde umthelela webanga lokubhreka endaweni ephephile ukuze baqonde kahle ukubaluleka kokushiya ibanga elanele eliphakathi kwabo nemoto abayilandelayo nokuqonda ukuthi liyingozi kanjani ijubane.

Ukunyathela amafutha: Isisindo esikhulu sidinga unyuse amandla okunyathela amafutha nokuphazamisa isikhathi okusithathayo ukufika ejubaneni olifunayo.

Isisombululo: Qinisekisa ukuthi imoto yakho uyivikela endaweni egunyazwe ngabakhiqizi bayo ukuze ikwazi ukumelana nesisindo esengeziwe.

Indlela edla ngayo uphethroli noma udizili: Indlela edla ngayo izonyuka. Kuqagulwa ukuthi lokhu kunyuka ngo-1-2% ngo-25% wesisindo osengezayo. Uma imoto ibidla 10l/100km, uma unyusa isisindo ngo-175kg, indlela edla ngayo izonyuka iye ku-10.7 kuya ku-11.4l/100km.

Isisombululo: Ukufunda ukushayela ngokonga kuyingxenye yokuqeqeshelwa imoto ekuvikela enhlamvini nokunciphisa umthelela enawo endleleni edla ngayo.

Ukubambelela: Ukwanda kwesisindo kuphazamisa indlela isiteringi esishesha ngayo nokwenza kube nzima ukujika amakhona futhi okunyusa amathuba okuthi ijike mawala ishishilize.

Isisombululo: Bheka isimo esiphambi kwakho bese unciphisa isivinini kusanesikhathi ngoba ukwenza iminyakazo uhamba kancane kungezinye zezindlela zokumelana nesisindo.