Ezemidlalo Ezezimoto

IMahindra ivule ifemu entsha ekhiqiza umthamo othe xaxa wePik Up

Fanelesibonge Bengu|Published

IMAHINDRAPik Up ehlanganiswa efemini yale nkampani eseDube TradePort eThekwini

Image: Fanelesibonge Bengu

KWAMAHINDRA South Africa sebevule ifemu yabo entsha eDube TradePort eThekwini, lapho kukhiqizwa khona iveni iPik Up.

Phambilini, le nkampani ibinefemu ekuyona le ndawo engasesikhumulweni sezindiza iKing Shaka International Airport eyivule ngo-2018. Nokho sebethuthele endaweni enkulu ekwazi ukukhiqiza amaPik Up alinganiselwa ku-1 000 ngenyanga okungama double cab nama-single cab.

Ifemu ayiwakhi iwasusa phansi la maveni, kunalokho isuke iwahlanganisa.

Isikhulu sakwaMahindra South Africa, uMnuz Rajesh Gupta, sithe njengoba ukuthandwa kwePik Up kudlondlobala, kudingeke ukuthi babe nendawo ezokwenza kumelana nalokho.

UDkt Dempsey Naidoo oyisikhulu esiphezulu se-AIH Group ebambisene neMahindra kule femu, uthe batshale u-R70 million ukuze ibe khona. Uthe ukukhula kwayo kuzonyusa nemisebenzi njengoba abaqashiwe sebezoba ngaphezu kuka-100.

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi Musa Zondi, uthe njengohulumeni wesifundazwe kubona ukudlondlobala kwale femu kusho ukukhiqiza ekhaya, ukudaleka kwemisebenzi nokuthuthukisa amakhono.

“Yonke le misebenzi isho ukwesekwa kwamakhaya, ukuthuthukiswa kwamakhono nekusasa elinozinzo,” kusho uZondi.