Ezemidlalo Ezezimoto

Kukhonye uPanjaro kwiRed Bull Shay'iMoto eThekwini

Fanelesibonge Bengu|Published

UPANJARO ubeshaya izidudla aze ame phezu kwalo iGusheshe lakhe kwiRed Bull Shay'iMoto eThekwini ngeSonto

Image: Red Bull Content Pool

USHAYE ngamafuphi wathi uyafa yinjabulo uJean Panjaro emuva kokunqoba umncintiswano wokushaya izimoto iRed Bull Shay'iMoto obuseSuncoast Casino, eThekwini, ngeSonto ebusuku.

UPanjaro waseMahikeng eNorth West, wehlule obevikela isicoco uBoksie waseKapa.

"Ngijabule kakhulu. Ezihlweleni ngithi ngiyanithanda," kusho uPanjaro ngamafuphi.

UPANJARO onqobe isicoco seRed Bull Shay'iMoto ngeSonto

Image: Red Bull Content Pool

Bese besele bobabili emuva kokukhishwa kwabanye abashayeli abangu-14 njengoba bebengu-16 bebonke.

Emzuliswaneni wokuhlunga kukhishwe abayisishiyagalombili kwasala abanye abayisishiyagalombili.

Abese besele ngoPanjaro, Team 2xspicy JZ, Magesh Junior, Makgasa Fire, Team VQ25, Vaaitjie, Boksie noZiko.

UBOKSIE nomsizi wakhe benza abadume ngakho kwiRed Bull Shay'iMoto eThekwini ngeSonto

Image: Red Bull Content Hub

Abashayeli bebenikwa imizuzu emibili nohhafu bashaye izidudla baphinde bachushe nasezikhaleni ezincane.

Bekumele bangagcini ngokuchaza amajaji kodwa nezethameli ebezigcwele phama kwazise ivoti lokuqala beliphuma ezihlweleni.

Uhlelo lomncintiswano beluphethwe oseneminyaka kulo mdlalo uVic Pardal noHope Mbhele. Belusakazwa bukhoma kuSABC Sports.

Bekungokokuqala ukuthi iRed Bull Shay'iMoto ibe seThekwini njengoba bese yenziwa okwesihlanu.