Ezemidlalo

Kubuyiswe uNgidi kwelamaProteas elizobhekana ne-India

Thuthukani Mthembu|Published

ULungisani Ngidi ufakwe eqenjini elizodlala iTest yesibili ne-India

Image: Randy Brooks/AFP

UMSHWIBI uLungisani Ngidi (29) usebizelwe eqenjini lesizwe labesilisa lekhilikithi elilungiselela umdlalo wokugcina we-Test ne-India ozoqala ngoMgqibelo eBarsapara Stadium, eGuwahati.

Uzovala isikhala sikaKagiso Rabada (30) olimale ezimbanjeni ngesikhathi kulungiselelwa umdlalo wokuqala agcine engawudlalanga.

UNgidi osethathe amawikhethi angu-58 kuma-Test angu-20, wagcina ukudlalela amaProteas kowamanqamu we-World Test Championship ngoJuni ngesikhathi benqoba i-Australia.

Ephawula ngemuva kokunqoba umdlalo we-Test wokuqala, umqeqeshi wamaProteas uShukri Conrad uthe bazame ngayo yonke indlela ukuthi uRabada alulame ngokushesha khona ezodlala kodwa wazisholo yena ukuthi akazizwa kahle.

“URabada umshwibi osezingeni eliphezulu ngakho akukuhle ukulahlekelwa uyena. Besifisa ukuthi awudlale umdlalo wokuqala kodwa ubengakalulami ngokugcwele. Sibonga ukuthi umdlali ongene endaweni yakhe, uCorbin Bosch, uphinde wabhetha kahle ebambisene noBavuma kwi-inning yesibili,” kusho Conrad. 

AmaProteas azobheka ukunqoba lo mdlalo wokugcina kulolu chungechunge ukuze aqhubeke nokuhlala phezulu kwi-log ye-World Test Championship ezosongwa ngo-2027.

Njengamanje kuqhwakele i-Australia ngamaphuzu angu-36 emidlalweni emithathu, kulandele amaProteas ngamaphuzu angu-24 emidlalweni emithathu.

Amaqembu amabili azoqeda phezulu yiwona azodlala kowamanqamu ozobanjelwa e-England ngoJuni ka-2027.