UBONGI Mbonambi ongomunye wabadlali wabadlali ababili okuqiniswe ngabo isikwati samaBhokobhoko esizodlala ne-Ireland ngempelasonto
Image: AFP
UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, usebize umdlali oyi-hooker uBongi Mbonambi (34) kanye ne-prop Ntuthuko Mchunu (26) esikwatini esizobhekana ne-Ireland ngempelasonto.
Laba badlali bazohlangana namaBhokobhoko e-Ireland namhlanje (NgeSonto) njengoba elungiselela imidlalo yokugcina emibili yeCastle Lager Outgoing Tour. Azobhekana ne-Ireland e-Aviva Stadium, eDublin, ngoMgqibelo. Azovala ngeWales ePrincipality Stadium, eCardiff, ngoNovemba 29.
UMbonambi noMchunu babizwe ngemuva kokunqoba kwamaBhokobhoko umdlalo wesithathu weCastle Lager Outgoing Tour ngoMgqibelo eshaya Italy ngo 32-14 e-Allianz Stadium, eTurin. UMbonambi ubeyingxenye yeqembu elinqobe isicoco seCastle Lager Rugby Championship ngenyanga edlule, kanti uMchunu wagcina ukudlalela amaBhokobhoko ngenkathi ebhekene nePortugal eBloemfontein kwiCastle Lager Incoming Series ngo 2024.
Ephawula ngale midlalo nangokubizwa kwabadlali, u-Erasmus uthe “Lolu hambo lude kunokujwayelekile, futhi sinemidlalo emibili enzima esele lapho sizobhekana ne-Ireland kanye ne-Wales okwenze sathatha isinqumo sokubiza uBongi noNtuthuko.
“Bobabili laba badlali sebekhombise ikhono labo ezingeni lamazwe omhlaba, ngakho siyajabula ukubabona beyingxenye yeqembu.
“Abanye abadlali ngeke bakwazi ukukhethwa emdlalweni wokugcina lapho sizobhekana khona ne-Wales njengoba lo mdlalo ungaphandle kwewindi lemidlalo yamazwe omhlaba. Ngakho kubalulekile ukubabiza manje laba badlali ukuze bajwayele futhi baziqeqeshe nathi kuleli sonto kwazise sikhulisa neqembu lethu ngaphambi komdlalo ozayo ne-Ireland.”
AmaBhokobhoko kulindeleke efike ngoMsombuluko e-Ireland esuka e-Italy njengoba ebheke ukuqhubeka nokwenza kahle kulolu hamba lwase Europe, aqhube nokukleliswa phezulu emhlabeni.
Related Topics: