AMABHOKOBHOKO esifazane ejabulela ukunqoba ngo 29-24 kwi-Italy kowamaqoqo weNdebe yoMhlaba eqhubeka e-England
Image: BACKPAGEPIX
UMQEQESHI wamaBhokobhoko esifazane, uSwys de Bruin nokaputeni waleli qembu, uNolusindiso Booi, baluchaze njengosuku abangasoze balukhohlwa empilweni yabo usuku abazibekisele ngalo indawo kwi-quarterfinal yeNdebe yoMhlaba ekubeni bewudlala okokuqala ngqa emlandweni lo mqhudelwano.
Iwini ka 29-24 kwi-Italy ngeSonto eYork, e-England, obekungeyokuqala yamaBhokobhoko emidlalweni emihlanu naleli qembu ifake ezikaBooi esigabeni esilandelayo.
Nakuba kungakacaci ukuthi AmaBhokobhoko azobhekana naliphi iqembu kwi-quarterfinal kodwa azofika khona esenesithunzi kulandela indlela aqala ngayo ededela isibhaxu kwiBrazil kowamaqoqo njengoba esenqobe kwi-Italy ngempelasonto edlule.
Emdlalweni wokusonga wesigaba samaqoqo, ezikaBooi zizodudulana neFrance kozocacisa iqembu elizoqeda phezulu ngeSonto eCinch Stadium, eNorthampton, e-England. Iqembu ezizobhekana nalo kungase kube yi-England, Australia, Canada, Scotland, New Zealnd noma i-Ireland.
“Ngikubona konke kodwa indlela esilwe ngayo esiwombeni sesibili ngesikhathi i-Italy isiziveza ukuthi kungani ingelinye lamazwe akleliswe phezulu emhlabeni ingishiye ngenelisekile,” kusho uDe Bruin.
“Akekho umdlali obengcono kunomunye uma kuza ngasekufakeni umfutho, ngakho-ke ngineme futhi ngizizwa ngingumqeqeshi onenhlanhla ukuhola iqembu elibunjwe ngabadlali ababumbene ngale ndlela."
Ukaputeni, uBooi, uthe le wini ibaqinisa idolo bengabadlali ngokuthi konke ukunconywa abakutholayo akusuki emoyeni.
“Akukho lapho singenzanga khona kangcono uma ubheka izibalo zomdlalo. Bekungathi wumlingo sekwenzeka kodwa bengibuye ngikhumbule ukuthi konke lokhu kulele ekuzinikeleni kwabadlali.
“Le wini eyabo bonke abadlali bamaBhokobhoko esifazane abake badlubha lo mfaniswano. Le wini eyabo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokwahlukana kwabo ngokobulili nangokobuhlanga,” kusho uBooi.