UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, obathembise izulu nomhlaba abalandeli baleli qembu emdlalweni walo weToyota Cup ne-Asante Kotoko yaseGhana
Image: BACKPAGEPIX
NAKUBA unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, ekwazi ukuthi kayisho lutho olutheni imiphumela yemidlalo yokucijela isizini entsha njengeToyota Cup kodwa uyaliqonda ibanga elingahanjwa wukuwina kwabo kwi-Asante Kotoko yaseGhana abazobhekana nayo ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
IChiefs esanda kubuya eNetherlands lapho ibiyozifudumezela khona ukuqala kweBetway Premiership ezoyivula neStellenbosch FC ngo-Agasti 10, ibuyela enkundleni eyaqedela kuyona indlala yezinkomoshi yeminyaka engu-10 ngoweToyota Cup.
Amakhosi agcina ukudlala eMabhida ngasekupheleni kwesizini edlule, lapho edle khona iNedbank Cup ngokunqoba kwi-Orlando Pirates ngo 2-1 okuqeda ibhadi leminyaka engu-10 lokweqiwa yizinkomishi ezimqoka ebholeni laseNingizimu Afrika.
Ngesikhathi uBvuma ekhuluma neSolezwe izolo ntambama, ukuvezile ukuthi leli yithuba labo lokuqala ngenothi eliphezulu kodwa ukhiye kuzoba wukubamba umgqigqo ngemuva kokuwina kwiKotoko.
“Mhla sigcina ukuba seMoses Mabhida sinqobile kwiPirates emdlalweni wamanqamu obuqeda isomiso seminyaka ngakho-ke siya enkundleni ngokuzethemba."
“Kusemqoka ukuhlonipha iKotoko kwazise ingompetha ngendlela yayo kodwa okubaluleke kakhulu kulokhu yithina nendlela esizokwenza ngayo enkundleni. Ngimema abalandeli ukuba baphume ngobuningi babo ukuzobona iChiefs ehlukile kule yangesizini edlule.
“Ebesikwenza eNetherlands kusikhulisile ngezindlela eziningi ngakho-ke asisakwazi ukulinda ukukhombisa abalandeli bethu abawe bevuka nathi ngesizini edlule kunzima," kusho uBvuma.
“Nakuba kungasho lutho owamanje kodwa isizini ezoqala ngeke ifane nedlule ngokwemiphumela. Ngikusho lokhu ngoba iChiefs iqinise ngabadlali bohlobo oluphambili kanti nethimba labaqeqeshi selijwayele.
“Ngesizini edlule sashaywa yiYanga (Young Africans SC) yaseTanzania kwiToyota Cup okwalandelwa yisizini embi ngakho-ke sikhuthazekile ukunqoba kwiKotoko ngoba sikholelwa ekutheni uma senze lokho sizokwenza kangcono nakwiligi.
“IChiefs ithezile ngakho-ke abalandeli abeze ngobuningi enkundleni ukuzozibonela ngamehlo iqembu labo likhipha amangwevu ngelikufunde emaphutheni angesizini edlule nangolwazi elibuye nalo eNetherlands.
“Kunzima ukuthembisa abalandeli ngomlomo kodwa ngemuva komdlalo (ngoMgqibelo) okuningi kuzohlala obala. Ngaphandle kwabadlali abasha nethimba labaqeqeshi selijwayele kwazise sekuyisizini yalo yesibili okungesinye sezinongo ngokuhlangana kwezinto kuMakhosi kulezi zinsuku."
IMabhida ngenye yezinkundla iChiefs ehlala iyithatha njengekhaya kwazise wonke amasizini kunemidlalo yasekhaya eyidlalela khona.
Umdlalo weToyota Cup uzovulelwa ngowezinkakha zeChiefs nezaKwaZulu-Natal ozoqala ngo-12 emini. Iqembu lezinkakha lithakwe ngabadlali abahlukene abawina izindebe eziningi naMakhosi okubalwa kubona uCollins Mbesuma, David Radebe, Cyril Nzama nabanye.