U-GEORGE Matlou okuke kwasabalala indaba yakhe yokuphelelwa yinkontileka kwiKaizer Chiefs uyingxenye yeqembu elicijela ukuqala kwesizini ezayo kwiBetway Premiership eNetherlands
Image: BACKPAGEPIX
UMDLALI wasesiwini weKazier Chiefs, uGeorge Matlou, ufongqe isigqoko kubalandeli ebancenga ngokuthi bangayifaki ezinhliziyweni imiphumela abayithola njengoba bedlala eyobungani ewuchungechunge eNetherlands, lapho bezicijela isizini entsha yeBetway Premiership.
Kusukela iChiefs ifikile eNetherlands, ayikaze ithole umphumela oncomekayo kodwa uMatlou obekhuluma nethimba laleli qembu laseNaturena labezindaba muva nje, akaboni kufanele kunakwe kakhulu imiphumela.
Amakhosi esishicilele lo mbiko engakawudlali owesine wobungani izolo, ne-PEC Zwolle, aye kuwona esekhale ngaphansi kwiVitesse (2-1), FC Utrecht (4-0) ne-NEC Nijmegen (1-0).
NgokukaMatlou, iChiefs isendaweni efanele eNetherlands, egqishe ngamaqembu eqophelo eliphezulu yize imiphumela ingavumi kodwa umvuzo uzobonakala uma sekuqala isizini.
“Ngiyavuma ukuthi ngiwumuntu ongezwani nokwehlulwa kodwa kule midlalo esiyigijima eNetherlands anginankinga ngoba ngiyazi ukuthi imiphumela ayibalulekile kangako okwamanje,” kusho uMatlou.
“Inzima imidlalo esiyidlala la sikhona kodwa okuhle ngayo wukuthi iyasikhulisa siyiqembu okuyiyona imbangela enkulu yokuthi sibe kuleli zwe.
“Asikho isidingo sokujabulela ukuthi sicoboshisa kwasani ekubeni singafundi lutho ngakho-ke kungcono yona induku ngoba kukhona esikufundayo ngayo."
Le nkulumo kaMatlou okuke kwaba nongabazane ngekusasa lakhe kuMakhosi, ayiqhelile kangako kokushiwo yithimba labaqeqeshi beChiefs mayelana nemiphumela.
“Akulona ibhola kuphela esihlangene ngalo kepha kukhona nethuba lokufundana siyiqembu njengoba kukhona abadlali abasha. Iyakhula indlela esenza ngayo izinto.
“Amaqhinga omqeqeshi (Nasreddine Nabi) aya ngokuya ayangena nakithina okwenza iningi lethu lingabe lisakwazi ukulinda isizini ezayo.
“Asikho okwamanje isidingo sokuthembisana okuningi phakathi kwethu nabalandeli kodwa engingakusho kugcwale umlomo wukuthi iChiefs izobe ingcono kakhulu kunangesizini edlule ngenxa yenduku eyithola kule khempu eqhubeka eNetherlands,” kusho uMatlou.
Amakhosi aqede ngaphandle kwe-Top 8 ngesizini edlule, angelinye lamaqembu angene agamanxa emakethe yabadlali okufakazelwa abadlali abacela ku-10 asebevele basemabhukwini awo.
Azogijima okokuqala phambi kwabalandeli bayo uma esebhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana, emdlalweni weToyota Cup ngoJulayi 26, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Amathikithi abiza u-R80.