U-INACIO Miguel ongomunye wabathishwa ukuba bangene esikhundleni sobukaputeni beKaizer Chiefs, kulandela ukuhamba kukaYusuf Maart osejoyine iqembu lase-Austria
Image: BACKPAGEPIX
UKHIYE ngokaputeni olandelayo weKaizer Chiefs uphethwe yinhloko yabaqeqeshi yaleli qembu laseNaturena, uNasreddine Nabi, ngoba uyena owaziyo ukuthi kubadlali bakhe ngubani ongeke eqiwe yijezi.
Amakhosi aqinisekise ukuthi uYusuf Maart obengukaputeni wawo useqede konke neSV Ried yase-Austria okuyishiya nesikhala somholi.
UMaart ngukaputeni weChiefs oyohlale ekhunjulwa kwazise nguyena owaqukula isicoco leli qembu elaqeda ngaso indlala yeminyaka. Ngaphezu kwalokho, ushaye igoli lokuwina emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup bebhekene ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Njengoba iChiefs iseNetherlands lapho izicijela khona ukuqala kwesizini ka-2025/2026, ibhande likakaputeni ligqigqa kubadlali abahlukene. Ngesikhathi Amakhosi ehlula iPEC Zwolle ngo 1-0 wegoli likaNaledi Hlongwane ngoLwesibili, ibhande belinikwe u-Inacio Miguel. Uma engekho enkundleni uMiguel linikwa uZitha Kwinika oyibamba maphakathi emuva.
Omunye wabadlali ababengabaholi beChiefs eminyakeni edlule, uDominic Isaacs, ukhombe uNabi njengophethe ukhiye ngozothatha isikhundla sikaMaart kwazise ngokwakhe ukaputeni kufanele ayidlale yonke imidlalo.
“Akuyona into elula indaba yesikhundla sikakaputeni eqenjini elifana neChiefs ngoba ibhande lihamba nomsebenzi osuke umele lo osuke enikwe lona. Iqiniso wukuthi uNabi uyena owaziyo ukuthi yimuphi umdlali angeke amshiye ngaphandle uma ebophela isikimu ngoba ngeke ube ngukaputeni weChiefs ubuye weqiwe yimidlalo. Ukaputeni weChiefs kumele kube ngumdlali ongagcini ngokuyiqala yonke imidlalo kodwa kufanele ahole ngendlela afaka ngayo isandla enkundleni. Kumele abe yisithenjwa. Ukaputeni weChiefs akufanele angingize uma ephambi kwabezindaba ngakho-ke yonke leyo nto okumele ibhekwe," kusho u-Isaacs kwiSolezwe izolo.
Ngaphambi kukaMaart, iChiefs ibiholwa ngu-Itumeleng Khune ogcine esehlala ebhentshini. Ekuqaleni kwesizini edlule, uhlukane naMakhosi emuva kokuthi enqabe umsebenzi abebemnika wona. Njengoba kubhekwe ukaputeni omusha eNaturena, kukhona abakholwa wukuthi ibhande kufanele lidluliselwe kuThabo Cele waKwaMashu, ofike kwiChiefs maphakathi nesizini edlule.
“Ngaphandle nangaphakathi kwenkundla ukuba ngukaputeni beChiefs buyasinda ngakho-ke kumele kuqokwe umuntu ozokwazi ukuma phambi kwabezindaba noma kukubi, abe wubuso baMakhosi.
“Ngibona ukhiye ukuNabi ngoba uyena owaziyo ukuthi ubani angeke amshiye ngaphandle. Ukaputeni weChiefs kumele akhulume ngomlomo nangendlela adlala ngayo uma esenkundleni.
"Ngiqaphelile ukuthi njengoba bese-Europe ibhande likuMiguel (Inacio). Uyathembisa uma umbuka kodwa abazi kangcono yilaba abasebenza eduze kwakhe. Ngengisakubonile, kumfanele ukuhola iqembu uMiguel kodwa ngikhuluma ngengikubona kwithelevishini ngezinsuku zemidlalo, uNabi umbona nsukuzonke,” kusho u-Isaacs.
UMiguel uthishwa nje, kufanele kwazise bekuba nguyena ukaputeni uma uMaart engekho kodwa lesi sitobha sase-Angola, sinenkinga yokuhluleka ukugwema amakhadi.