Ezemidlalo

IDowns ithembisa ukulidlisa utshani kwiFifa Club World Cup

Mthokozisi Mncuseni|Published

OMUNYE wamaqeqeshi beMamelodi Sundowns uthembise ukuthi iqembu lakhe ngeke liyele ukulihlikihla kwiFifa Club World Cup eqala ngeSonto e-USA

Image: BACKPAGEPIX

NGISHO ngabe iMamelodi Sundowns izithola ibhekene nabuphi ubunzima kwiFifa Club World Cup kodwa leli qembu laseChloorkop, ngeke liyeke ukuhlikihla ibhola nokulibeka phansi ngoba lokhu yikhona elikwaziyo nokulifake kulo mqhudelwano.

Lokhu kushiwo uSteve Komphela ongomunye wabaqeqeshi beSundowns esiziqeqeshe amahlandla amabili ngaphambi kokuvula lo mqhudelano ne-Ulsan HD yaseSouth Korea ngoLwesibili e-Inter & Co Stadium, e-Orlando, Florida, e-United States of America (USA).

UKomphela uthembise abezindaba ngaphambi kokufulathela leli ukuthi ngisho ngabe bazithola bebhekene nabuphi ubunzima kodwa ngeke bayeke ukulibeka phansi ngoba lokhu kuyisikompilo kubona.

“Sinethuba lokudayisela umhlaba indlela yethu yokudlala ngakho-ke kungaba elikhulu ichilo ukuthi iSundowns ifike kulo mqhudelwano ongahlukile kwiNdebe yoMhlaba, bese ishintsha indlela yokudlala eyifake emqhudelwaneni,” kusho uKomphela.

“Sinomthwalo wokungazidlaleli thina kuphela kepha simele izwekazi lonke. Uma bekhuluma ngathi bathi yiqembu lase-Afrika, hhayi iSundowns ngoba abayazi yingakho kumqoka kakhulu ukukhombisa umhlaba wonke ukuthi senzani e-Afrika.

“Akusoze kwajika ukuthi singabase-Afrika, ngakho-ke nesikwenzayo kwiClub World Cup akufanele kuqhele kakhulu esigqini sakuleli zwekazi.

“Asingabazi ukuthi siyobhekana nobunzima ngenxa yokuqina kwamaqembu ami phambi kwethu kodwa lokho ngeke kusijike ekulibekeni phansi.

“Sikulo mqhudelwano ngoba silibeka phansi ngakho-ke abalandeli abagcwale ubhavu ngoba ngeke sifike e-USA silishaye phambili ngoba sesixwakwe ukunyukela komdlalo."

Ngemuva kowe-Ulsan, ezikaKomphela zizobhekana nezinkunzi zase-Europe iBorussia Dortmund e-TQL Stadium, eCincinnati, ngaphambi kokusonga eyamaqoqo ngeFluminese yaseBrazil, kozodlalelwa eHard Rock Stadium, eMimai, Florida.

Abazazi kangcono eze-Ulsan bathi leli qebu laseKorea libona oweSundowns njengokuyiwona elingaphumelela kuwona ukuqoqa amaphuzu agcwele ku-Group F.

Lo mqhudelwano onamaqembu angu-32, uzoqala ngeSonto, lapho kuzonqwamana khona izinkunzi zase-Afrika, i-Al Ahly yase-Egypt ne-Inter Miami yase-USA edlalelwa uLeonel Messi.