Ezemidlalo

OwoSuthu akanalo igqubu ‘ngabamhlukumeza’ kwiChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

IZINHLAMBA zabalandeli beKaizer Chiefs namabhodlela ababejikijela ngawo, u-Arthur “10111” Zwane, akuzange kumdikibalise kodwa kwamvula amehlo, kwamqinisa nokhakhayi okuyinto ayichaze njengedingekayo emkhakheni wokuqeqesha esigabeni esikhokhelayo sebhola laseNingizimu Afrika.

Lokhu, uZwane owafika kuMaZulu ngo-Okthoba, leli qembu lihleli emsileni we-log yeBetway Premiership, ukutshele abezindaba ngesikhathi ehlelela umdlalo wokusonga isizini abazowudlala ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kusukela lo mqeqeshi, owaqashwa noVusi Vilakazi bezovala isikhala sikaPable Franco Martin, efikile kuleli qembu kuningi okushintshile njengendawo elibukeka lizoqeda kuyona isizini ngisho ngabe lithola muphi umphumela kowePirates.

Ngaphambi kokufika Osuthwini, uZwane wathwala kanzima ngesikhathi eqeqesha iChiefs kwazise kwaphela kabi esejikijelwa yingxenye yabalandeli baleli qembu, bemchapha nangezinhlamba, besola yena ngemiphumela engagculisi.

Ngokusho kukaZwane, ukungena kulo mkhakha wabo kunzima yingakho esibonga isikhathi sakhe kwiChiefs ngaphandle kobuhlungu ayebuzwiswa wukuhlukunyezwa kwezingane zakhe esikoleni ngenxa yomsebenzi wakhe.

“Kusukela ngisewumdlali indlela yami ayikaze ingabinazo izihibe okufanele zingivivinye ngaphambi kokuthi ngizeqe,” kusho uZwane kwabezindaba ngoLwesine.

“Angikaze ngizingabaze njengomqeqeshi, ngakho-ke konke okwenzeka kwiChiefs kwakufanele kwenzeke ngoba kwakudaliwe ukuthi kuzohamba ngaleyo ndlela.

“Impilo yami ungayifanisa nefilimu elokhu iqhubeka. Kunezimo esengidlule kuzona empilweni engingacabangi ukuthi abanye babezokwazi ukubhekana nazo baphinde babuye.

“Ngeke ngiqambe amanga, kwakunzima ngoba izingane zami zazingasayi esikoleni ngenxa yomsebenzi wami. Konke lokhu ngikuthatha ngokuthi kakufanele kwenzeke. Ukuze ngibe la ngikhona nalapho ngiphethwe khona njengeqanda kwakufanele ngidlule ebunzimeni engidlule kubona.

“Kulukhuni ukungena esigabeni esikhulu njengomqeqeshi ngakho-ke ngikuthatha njengesibusiso ukuba la ngikhona. Izingqinamba bekufanele ngibhekane nazo ukuze ngizofika kuMaZulu sengiphekeke ngokwanele."

Yize kubukeka sengathi iqembu lakhe ngeke lisaphuma kwi-Top 8 kodwa uZwane ufuna ukuqeda isizini ngonyawo oluhle.

“Kusemqoka ukuthi siwunqobe umdlalo wokugcina okuyinto ezohlobisa isizini yethu. Kuzoba nzima ngoba akekho ongayazi incwadi evulekile esibhekene nayo kwiPirates kodwa uma sihlele kahle singayisonga isizini ngendlela ezokwenza abalandeli balangazelele ukuqala kwezayo,” kusho uZwane.