KUSALE kancane ukuthi kudaleke umonkalo ngenxa yezidubedube ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, eSoweto
Image: BACKPAGEPIX
UKUNGAZIBONI efanelwe ukwehlulwa amaqembu aqhamuka emazweni asenhla ne-Afrika emiqhudelwaneni yeCaf Champions League neConfederation Cup kuzogcina kukhiphe isidumbu.
Uma le nhlangano eholwa uPatrice Motsepe ingaqinisi isandla ngokushesha ukunqanda lesi sihlava, abaxhasi ezama ukubasondeza bazoqhela ngesikhathi esifanayo kusizakale nalaba abawubukela phansi unobhutshuzwayo wase-Afrika.
Esikhundleni sokubhiyozela ukuthi iMamelodi Sundowns, Orlando Pirates neStellenbosch FC bakhuphule isithunzi sePremier Soccer League (PSL) ngokuzibekisela izindawo kweyandulela eyamanqamu yeChampions League neConfed Cup ngokwahlukana, indaba esegudwini wudlame oluqubuke ezinkundleni ngemuva kwemdlalo.
Ngesikhathi iSundowns inqoba ngo 1-0 kwi-Esperance Sportive de Tunis yaseTunisia kowomlenze wokuqala we-quarterfinal kwasala kancane ukuthi kufe umuntu.
Ngokwesitatimende esakhishwa yiSundowns, abalandeli be-Esperance badinwa umphumela bacekela phansi inkundla, okwaholela ekutheni abeSundowns babakhuze.
Izithombe zomlandeli weSundowns esindisa impilo yowe-Esperance ezasabalala ezinkundleni zokuxhumana saba ngundabuzekwayo kubathandi bebhola emhlabeni jikelele.
Ngosuku olufanayo eCape Town Stadium kwala kancane nakhona ukuthi kubanjwane ngezandla kuxabana abalandeli beZamalek yase-Egypt nabeStellenbosch FC.
Lokhu kwaholela ekutheni iCaf ibize umhlangano ophuthumayo namaqembu ngobumqoka bokuqinisa izinhlaka ezilawula abalandeli.
Kusobala-ke nokho ukuthi iMC Alger yase-Algeria yayingalalele kuwona ngoba kuthe kungaphela umdlalo wayo nePirates ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, ukuphoxeka kwabo kwaphenduka udlame.
Abebesenkundleni isimo basichaze njengebesiyingozi ngendlela emangalisayo ngoba nempilo yabadlali ibisengcupheni.
IPirates inqobe ngo 1-0 sekuhlanganiswe imilenze. Ngesikhathi kuphela umdlalo ibhentshi le-Alger liqonde kunondweba likhala ngezinqumo zakhe.
Kuthiwa iphini lomqeqeshi wePirates uMandla Ncikazi lizame ukuvikela unondweba kwabe selizithintele kwabe-Alger abajikele kulona.
Ngokubona lokhu nelePirates ibhentshi libone isidingo sokuvikela uNcikazi. Kulandele ukuthi abalandeli bawo womabili amaqembu badudulele eceleni amaphoyisa nonogada bangene enkundleni.
Kukhona okukhulu okubi okuzogcina kwenzekile uma iCaf ingaqinisi isandla kulo mkhuba ngoba kuyaziwa ukuthi ujwayele ukuvela uma kungawahambeli kahle amaqembu asenhla ne-Afrika.
Lokhu kudalwa yinsila yokwazi ukuthi i-Afrika esenhla iyakhonya ebholeni lakuleli zwekazi.
URhulani Mokwena, oqeqesha iWydad Casablanca yaseMorocco, usejikijelwe kaningi kanti kunemibiko yokuthi ngemuva kokushaywa yiSundowns abalandeli be-Esperance bajikela abadlali babo babangena ngenduku.
Njengoba sekunezimpawu zokuthi i-Afrika eseningizimu iyadlondlobala ebholeni kusobala ukuthi akwehli kahle kulezi ‘zihonga’. ICaf kuzodingeka isheshe ithathe izinyathelo ukuze kungonakali wonke umsebenzi owenziwayo wokushintsha indlela elithathwa ngayo ibhola lase-Afrika.