Ezemidlalo

Kudingeka inhlambuluko phakathi kukaNabi neChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi

Image: BACKPAGEPIX

UKUHLANGANA ngokushesha kuvulelwane izifuba phakathi kweKaizer Chiefs nomqeqeshi wayo, uNasreddine Nabi osekuqubuke ungabazane ngekusasa lakhe, yikhona okubukeka kuzosiza ukubhula umlilo obhebhethekayo njengoba izinhlangothi zombili zilokhu ziphawulile kwabezindaba.

Amakhosi awazange agcine ngokuguqisa izimbangi zawo ezinkulu i-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup eThekwini ngeledlule kepha aqede nendlala yezinkomishi ebisibhuqe leli qembu laseNaturena iminyaka engu-10.

Kuthe kungaphela owamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, aqala ukusabalala amahlebezi akhomba ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia ngeke aqhubeke nomsebenzi wakhe yize esasalelwe yisizini ngokwenkontileka.

Kwethusile lokhu kwazise bonke abaxhumene neChiefs bebesahaqwe yinjabulo. Zijikile nokho izinto ngesikhathi esinye sezikhulu zeChiefs, uKaizer Motaung Jnr, singawachithi ngokuphelele amahemuhemu ngoNabi, sigcizelela ukuthi basazohlangana.

"Sekuyasiphoqa ukungena sigamanxe emakethe njengoba sesiyodlala kwiCaf Champions League," kusho esinye sezikhulu uBobby Motaung ngemuva kokudla iNedbank.

“Kuwumlando ukunqoba kweChiefs lesi sicoco kodwa osekusemqoka ukuthi sihlale phansi sikucubungule konke okwenzeke ngesizini kaNabi yokuqala,” kusho uMotaung Jnr ngemuva komdlalo.

Esikhundleni sokuthambisa, le nkulumo iwabhebhethekise kakhulu amahlebezi kwaze kwaphoqeka ukuthi kwayena uNabi aphawule ngekusasa lakhe. Kule nkulumo ukucacisile ukuthi ufuna ukutholelwa abadlali uma iqembu lifuna ahlale ngesizini ezayo.

“Nginenkontileka neChiefs kodwa engigxile kukona okwamanje yimidlalo emibili yeligi esele,” kusho uNabi kwi-Extra Time.

“Ngifuna ukukholwa ukuthi iqembu lizoqhubeka nami liphinde linginike wonke amathuluzi engiwacele kulona ukuze nami ngizolinika lokhu elikubheke kimina.

“Konke kulele ekutheni iqembu lizonginika yini abadlali engibadingayo ngoba ngaphandle kwalokho angiziboni ngiqhubeka.

“Angizimisele ngokuthwala kanzima ngendlela okwenzeke ngayo ngesizini esongwayo."

 

Kungaba yiphutha ukuthi abeChiefs balindele izimanga kuNabi ngesikwati esibeke iqembu endaweni yesishiyagalolunye kwi-log njengoba sekusele imidlalo emibili.

Phambilini, iChiefs idume ngokugodola nemali yokuthenga abadlali kodwa muva nje isayinise ngezigidi abadlali esingabala kubona u-Ashley Du Preez, Zitha Kwinika, Sibongiseni Mthethwa, Rushwin Dortley noGlody Lilepo.

Kusukela afika uNabi ukhala ngabadlali bohlobo lweChiefs yakudala ngakho-ke mhlawumbe leli yithuba laMakhosi lokumnika lokho. Nayo iChiefs ayikho ephutheni ngokuthi isazohlala phansi iyicubungule kahle isizini kaNabi yokuqala kwazise kunemidlalo eminingi iChiefs eshaye kuyona udaka kodwa kucace ukuthi iphutha likubadlali.