UMQEQESHI we-Orando Pirates ozoshiya ekupheleni kwesizini, uJose Riveiro, nomunye wabadlali bakhe uRelebohile Mofokeng.
Image: BACKPAGEPIX
IMIBHIYOZO ebihlelelwe ukuvalelisa umqeqeshi we-Orlando Pirates ohambayo ekupheleni kwesizini, uJose Riveiro, isengcupheni yokuphenduka usizi ngenxa yemiphumela yakamuva yaleli qembu kwiCaf Champions League nakwiBetway Premiership.
Kulumelile nakanjani kwabePirates ukukhishwa yiPyramids FC yase-Egypt kwiChampions League kodwa ukushayelwa ekhaya yiSekhukhune United koweligi ngoLwesithathu ebusuku kufanele ukuba kuzwele nakakhulu.
Umphumela weSekhukhune ushiya iPirates ingasenawo uphawini wokuqhuzuka emidlalweni eyisithupha eyisalele kwiligi kodwa kwakhona lokhu kusengenzeka kungeneli ngoba ezikaMiguel Cardoso ziphinde zalelula igebe ngokunqoba ngo 3-0 kwiRichards Bay FC maphakathi nesonto.
ISundowns isalelwe imidlalo emihlanu kule sizini.
Emasontweni amabili adlule bekukukhulu ukuzethemba kwiPirates ngenxa yethuba lokuvalelisa uRiveiro ngenhlokomo yezicoco ezine kule sizini.
Njengoba i-MTN 8 isivele isekhabetheni, iPirates ibihlele ukwengeza ngeChampions League, iligi neNedbank Cup abazoyibanga neKaizer Chiefs ngoMeyi 10 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ukukhala ngaphansi kwiSekhukhune kuwanciphise nakakhulu amathuba ePirates kwiligi okuyishiya neNedbank yodwa njengethuba elicacile.
Yize ezobe engekho ukaputeni wayo uNkosinathi Sibisi ngenxa yesigwebo samakhadi, iPirates kumele izame ukubuyela emgqeni ngeChiefs namuhla ngo-3 ntambama, e-FNB Stadium, eNasrec.
Kunzima ukuziba ukuthi kusukela kumenyezelwe ukuthi uRiveiro ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nePirates izinto ziyaliphika leli qembu laseSoweto.
NeLiverpool edlala kwi-English Premier League (EPL) yaba sesimweni esifanayo ngesizini yokugcina kaJurgen Klopp owayengaconsi phansi kubalandeli njengoRiveiro kwabePirates.
Ngesikhathi iLiverpool imemezela ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka kaKlopp yayisethubeni lokudla isicoco seligi, FA Cup nese-UEFA Champions League.
Sekungumlando ukuthi leli qembu lase-England lagcina ligoduke neCarabao Cup kuphela, nayo eyayisivele isekhabetheni ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi ngeke avuselele.
“Ngiyakholelwa ekutheni alibanga khona iphutha ngokumemezela ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yami kusenemidlalo emqoka okwakufanele idlalwe,” kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba ngoLwesine.
“Ngiyayincoma indlela sonke esithintekayo esalusingatha ngayo udaba futhi ngikholelwa ekutheni namanye amaqembu azosika iphethini.
“Isikhathi sami ngikwiPirates ngiyosikhohlwa ngifile futhi ngiyobuya ngelinye ilanga njengesivakashi noma njengomqeqeshi futhi,” kusho uRiveiro.