Ezemidlalo

Abalandeli beChiefs nePirates ethubeni lokupepenyeka e-Europe

Mthokozisi Mncuseni|Published

ABALANDELI: AbeChiefs nePirates ethubeni lokupepenyeka e-Europe.

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

ABALANDELI abahlanu banhlangothi zombili kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates basethubeni lokuhlabana ngengqayizivele yohambo lwaphesheya kwezilwandle neqembu labo lapho lizobe lizilungiselela khona ukuqala kwesizini ezayo yeBetway Premiership.

Lokhu kushiwo, uSitho Mdlalose, oyisikhulu esiphezulu sakwaVodacom (Chief Executive Officer, CEO) okungabaxhasi balezi zinkunzi zaseSoweto.

Ayikhakhishwa imininingwane egcwele ngeVodacom Tsamaya kodwa lesi sikhulu sakwVodacom sithe okudingwa abalandeli ukuthenga i-airtime yakwaVodacom ka-R49 kuya phezulu ukuzibeka ethubeni lokuhamba neChiefs noma neBucs uma isiya phesheya kwezilwandle ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.

Kumasizini amabili adlule iPirates iye kwelaseSpain okuyizwe okudabuka kulona umqeqeshi wayo ohambayo, uJose Riveiro.

Akukho osekushiwo yilama qembu ngezinhlelo zokucijela isizini ezayo kodwa ukuhambela amazwe ase-Europe sekuqala ukujwayeleka kwizinkunzi zePremier Soccer League (PSL).

IChiefs iyilungislele kwelaseTurkey le sizini esiyela ngasekusongweni okungasho ukuthi nakulokhu izobuyela khona.

.