Ezemidlalo

USmith usayibambe ngakho embangweni wendondo yesibili

Xolile Mpisane|Published

UTATJANA Smith ngemuva kokunqoba umjaho wokuhlunga ka-200m we-breaststroke eParis La Defense Arena, eParis, France ngoLwesithathu ekuseni Isithombe: EPA

UZIBEKE ethubeni lokubuya nendondo yesibili kuma-Olympic aseParis, umbhukudi wakuleli uTatjana Smith, engena kowandulela owamanqamu emjahweni ka-200m wabesifazane we-breaststroke ngoLwesithathu ekuseni.

USmith osevele unqobele elakuleli igolide ku-100m, uphume phambili emzuliswaneni wokuhlunga koka-200m ngesikhathi esingu-2:21.57.

Endaweni yesibili kungene omunye umbhukudi wakuleli, uKaylene Corbett, oshaye isikhathi esingu-2:23.85.

Bobabili bazobhukuda kweyandulela owamanqamu khona ngoLwesithathu ebusuku. Bazobe belwela ukushaya izikhathi ezisheshayo ezizobafaka kwabayisishiyagalombili abazobhukuda kowamanqamu ngoLwesine ebusuku.

Khonamanjalo, uPieter Coetze, uzibekisele indawo kowandulela owamanqamu ka-200m wabesilisa we-backstroke. UCoetze ubashiye bonke emzuliswaneni wokuqala waqeda ngo-1:56.92. Umjaho wakhe olandelayo nawo uzoba ngoLwesithathu ebusuku.

Kwi-triathlone yabesifazane, uVicky van der Merwe ungene endaweni ka-46 ngo-2:05.16, kweyabesilisa uHenri Schoeman wangena endaweni ka-20 ngo-1:45.53, kwathi uJames Riddle wangena kweka-25 ngo-1:47.15.

Kweminye imidlalo, liphinde lakhala ngaphansi iqembu lakuleli labesifazane le-hockey, linqotshwa yiGreat Britain ngo 2-1.

Lisasemsileni kuPool B ngeqanda ngoba selinqotshwe imidlalo emithathu ilandelana kuleli qoqo. NgoLwesine lizodlala neSpain ngo-5.30 ntambama bese lidlala ngoMgqibelo owokugcina wamaqoqo ne-USA.

Kwi-rowing uPaige Badenhorst unqobe umjaho owanduela owamanqamu kwiWomen's Single Sculls ngo-7:55.81. Nokho, njengoba eseqhudelana esigabeni sesithathu akasekho ethubeni lokubuya nendondo kowamanqamu, uselwela ukuqeda endaweni engcono.

Kwenzeke okufanayo nakuJohn Smith, benoChristopher Baxter abangene endaweni yesine kwiMen's Pair Semi-Finals, asebezongena kowamanqamu esigabeni sesine. Nabo abasekho ethubeni lokuthola indondo.

Imidlalo isazoqhubeka kusihlwa lapho abakuleli bezobonakala khona kule midlalo elandelayo:

7.16pm - Men’s Archery

Wian Roux

7.45pm - Men’s Hockey

South Africa v Spain

9.55pm - Men’s Backstroke SF

Pieter Coetze SF

10.03pm Women’s Backstroke SF

Kaylene Corbett

10.11pm Women’s Backstroke SF

Tatjana Smith