Ezemidlalo

USmith nethemba lokukhuthaza abakuleli enqoba igolide

Xolile Mpisane|Published

UTATJANA Smith umbhukudi wakuleli ngemuva kokunqoba indondo yegolide ku-100m breatstroke ngoMsombuluko ebusuku, kuma-Olympic aseParis, eFrance Isithombe: EPA

UBONGE bonke abantu asebeke bameseka ohambweni lwakhe umbhukudi wakuleli uTatjana Smith, kulandela ukunqoba indondo yegolide kuma-Olympic, eParis, eFrance ngoMsombuluko ebusuku.

USmith unqobele elakuleli igolide lokuqala kule midlalo eqale ngesonto eledlule ephuma phambili kowamanqamu we-100m breastroke ngo-1:05.28.

Nakuba le sikhathi besingemuva kwasishaye emzuliswaneni wokuqala nakowandulela owamanqamu, esingu-1:05.00, kodwa ukwazile ukubashiya bonke abeqhudelana nabo.

Endaweni yesibili kungene uTang Qianting waseChina ngo-1:05.54, indondo yethusi yathathwa nguMona McSharry wase-Ireland ngo-1:05:54.

"Kwenziwe ukwesekwa umphakathi ukuthi ngifike lapha ngikhona namuhla futhi ngiyazi ukuthi bebezoziqhenya ngami ngisho noma bengingayitholanga indodo. Le ndondo ngiyinqobele bona,“ kusho uSmith ethimbeni leTeam SA, obegqoke isikibha ebesinohlu olude lwamagama ezihlobo, abangani, abaqeqeshi nabaxhasi bakhe.

“Bengibhukudela bona, bonke abebekholelwa kimina, kanye nezwe lethu. Isiqubulo sethu sithi #ItsForMyCountry (okusho ukuthi ‘senzela izwe lethu’) futhi kunjalo ngempela. Ngifisa ukugqugquzela bonke abantu abasekhaya ukuze bazi ukuthi akumele bazinikele kukho konke abakwenzayo. Kungenzeka nabo babe ngompetha.”

Kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021 uSmith, owayesasebenzisa isibongo sakwaSchoenmaker ngaphambi kokuthi ashade, waphuma endaweni yesibili emjahweni ka-100m.

Igolide walithola ku-200m eqopha irekhodi lomhlaba ngesikhathi esingu-2:18.95. Uzoqala ukuvikela isicoco sika-200m namuhla ngo-11 ekuseni.

INingizimu Afrika itheleke eParis ibheke ukwenza kangcono kunaseTokyo lapho yabuya khona nezindondo ezintathu kuphela, ezimbili zikaSmith neyatholwa uBianca Buitendag kwi-surfing.

Elakuleli selivele linezindondo ezintathu eParis okuyigolide likaSmith, nezimbili zethusi ezinqotshwe yiqembu labesilisa lombhoxo weSevens no-Alan Hatherly kwiMountain Biking Cross Country.

AbaseNingizimu Afrika bazongenela le miqhudelwano namuhla:

8am - Women’s Triathlon

Vicky van der Merwe

10.14am - Women’s Rowing

Paige Badenhorst

10.30am - Women’s Hockey

South Africa v Great Britain

10.34am - Men’s Rowing

John Smith, Christopher Baxter

10.45 Men’s Triathlon

Henri Schoeman

11.00 - Women’s 200m Breaststroke

Tatjana Smith, Kaylene Corbett

11.21 - Men’s 200m Backstroke

Pieter Coetze

7.16pm - Men’s Archery

Wian Roux

7.45pm - Men’s Hockey

South Africa v Spain