Ezemidlalo

U-Cell C noxhaso lweminyaka kwiComrades

Zakhele Xaba|Published

USihlalo weComrades Marathon Association uMqondisi Ngcobo nesikhulu esiphezulu sakwaCell C uJorge Mendes ngemuva kokusayina isivumelwano sokusebenzisana Isithombe: Sithunyelwe

INHLANGANO ehlela umjaho iComrads Marathon, iComrades Marathon Association (CMA), imemezele ukuthi isisayine isivumelwano nenkampani yezokuxhumana, u-Cell C.

Lesi sivumelwano seminyaka emine, sisayinwe eGoli ngoLwesihlanu. Siqale ngoMeyi 1, 2024, siphele ngoNovemba 30, 2027. Sibeka u-Cell C njengaxhasi abaphambili balo mjaho omkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika.

Usihlalo weCMA, uMqondisi Ngcobo uthe: “Siyajabula ukwamukela uCell C njengabaxhasi abasemthethweni beComrades Marathon.

“Ukuhlala phambili nokumelana nezimo kuka-Cell C endimeni yezokuxhumana kuhambisana kahle nomoya wokubekezela oqhakanjiswa yilo mjaho.”

UJorge Mendes oyisikhulu esiphezulu kwa-Cell C, uzwakalise ugqozi ngalobu budlelwano.

Uthe ababona abaxhasi nje kuphela, kodwa bazoba yingxenye kulesi sivivinyo sokubekezela njengoba bebheka ezabo izibophezelo zokunqoba izinselelo nokukhulisa abantu bafinyelele ezingeni elifanele.

Uqhube wathi:“Ukuxhasa iComrades Marathon kuqhakambisa ukuzinikela kuka-Cell C ekukhuliseni amaphupho, ukunika nokwakha ikusasa elinokubekezela.

“Ngijabule kakhulu ukuthi kube yimina ofezekisa lokhu ngisebenzisa ubuxhakaxhaka ukwenyusa ezokusubatha nokusiza abagijimi bafinyelele lapho bengafika khona emdlalweni abawukhethile.”

IComrades, engamakhilomitha angu-85.91, izogijinywa ngoJuni 9. Izosuka eCity Hall, eThekwini ngo-5.30 ekuseni iphele eHollywoodbets Scottsville Racecourse, eMgungundlovu emuva kwamahora angu-12.

Kuzoba kungokwehlandla lika-49 kwenyukwa. Umjaho walo nyaka uzoba ungowehlandla lika-97.