Ezemidlalo

Isiga ungqongqoshe egxambukela emsebenzini wabaqeqeshi beBafana

Fanelesibonge Bengu|Published

UNGQONGQOSHE wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke uZizi Kodwa Isithombe: X

ININGI lisale likhexile, abanye bathi ibambe ngakho ngesenzo sikaNgqongqoshe wezemiDlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke, uZizi Kodwa, sokweluleka abadlali beBafana Bafana ngokuthi abadlale nhloboni yebhola.

UKodwa ubekhuluma nabadlali beqembu lesizwe ezindlini zokushintshela ngemuva komdlalo wayo neMali emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ebusuku.

Yize ekukhulumeni kwakhe ungqongqoshe ebegxile ekukhuthazeni leli qembu ukuthi lingalahli ithemba ngokudlulela emzuliswaneni olandelayo walo mqhudelwano, okuqapheleke kakhulu ukuthi ukhulume waze wagamanxela emsebenzini wabaqeqeshi, okungukweqa umngcele nokwethuse abaningi ababone i-video yakhe ezinkundleni zokuxhumana izolo.

“Ngicabanga ukuthi leya tika-taka namaphasi amafishane enze umehluko omkhulu futhi ngicabanga ukuthi nibahlulile ngaleya tika-taka amaphasi amafishane ngesiwombe sokuqala,” kusho uKodwa.

“Iyodwa indlela yokuthi udlule kubo (iMali), ukuthi nigweme ukudlala amabhola ahamba phezulu.”

Kulo mdlalo wangoLwesibili iBafana ithole isibhaxu sika 2-0 nokuyibeka emsileni ku-Group E lapho ifakwe khona neNamibia, Mali neTunisia.

Ngesikhathi uKodwa enza le nkulumo abadlali bebehleli bebedangele ngenxa yokuhlulwa, beqaqele indawo yokushintshela. Bekukhona nomengameli weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan. Umqeqeshi weBafana uHugo Broos, obebambe umlomo emi ngemuva kukangqongqoshe, naye ubekhona.

UKodwa uthe abadlali abangalahlekelwa yithemba futhi badlale njengeqembu.

Uthe uyathemba ukuthi umqeqeshi uthole isifundo kulo mdlalo futhi uzokwakhela phezu kwaso.

Kube nemibono eshayisanayo enkundleni i-X ngesenzo sikaKodwa. Umsakazi we-947, uMo Flava ephawula ngale video, uthe sihle isenzo sikangqongqoshe futhi unethemba lokuthi ngeke sifakele abadlali ingcindezi, kunalokho sizobagqugquzela.

U-Ibongwe Ntinde ubuze ukuthi ufunani ezindlini zokushintshela?

UThelo Malatji ubuze ukuthi ungqongqoshe usewumqeqeshi yini?

U-Ongama Mtimka uthe sihle isenzo sikangqongqoshe futhi abadlali bebesidinga.