USANDILE NGCOBO oqeqesha iqembu lesizwe leSevens Rugby, ubheke ukuthi liwuqhubeke ekhaya umgqigqo eliqale ngayo kwSevens Rugby World Series uma selidlela ekhaya Isithombe: BACKPAGEPIX
UMQEQESHi weqembu lesizwe lebhola lombhoxo lamaSevens, uSandile Ngcobo, ulicebisa ngokuthi lizibambe ziqine emzuliswaneni wasekhaya weSevens Rugby World Series ukuze likwazi ukuqeda irekhodi elibi ngokunganqobi eKapa.
AmaBlitzbokke ayiqale kahle isizini ka-2023/24 enqoba umqhudelwano wokuqala ngempelasonto edlule eDubai, ngokuguqisa i-Argentina kowamanqamu.
Lokhu kusho ukuthi kuzobe kulindelwe lukhulu uma esedlala owesibili ozoba seDHL Stadium, eKapa. Imidlalo izoqala ngoMgqibelo ekuseni iphele ngeSonto. Okuzokwenza iqonge ingcindezi wukuthi iqembu lakuleli lagcina ukudla isicoco saseKapa ngo-2015.
Leli qembu lifike ngoLwesibili ekhempini eseKapa, lahlangana noNgcobo, obengekho linqoba eDubai, njengoba esanda kuhlinzwa umsipha i-Achilles. Ululeke ezakhe ukuthi zehlise umoya, zigxile kulokhu ebezikwenza ngesikhathi zilungiselela ukuqala kwesizini.
“Kufanele siqhubeke sibe yithina, sibambelele kulokhu esikwaziyo. Ziningi izinto ezingasifaka ngaphansi kwengcindezi, yingakho kumele sigxile kwesikwaziyo,” kuchaza uNgcobo.
“Kumele siqinisekise ukuthi abadlali baphumule ngokwanele futhi bakulungele ukubhekana nezinselelo ezintsha. Sidlale imidlalo eminingi eDubai, kunamaqembu aseqoqweni lethu ngakho-ke kubalulekile ukuthi sibe sesimeni esifanele uma sekuqala umqhudelwano.”
UJustin Geduld noRosko Specman, ababeseqenjini eladla isicoco eKapa ngo-2015, baseyingxenye yeqembu lamanje. UNgcobo unethemba lokuthi ukuba khona kwabo kuzosiza abadlali abancane bakhululeke.
“Kubaluleke kakhulu ukuba nabadlali abanamava njengabo. Bayaqonda ukuthi uyifaka kanjani injabulo emqhudelwaneni obucayi kangaka. Bayakwazi ukwehlisa ingcindezi ngoba yinto asebeyenze emiqhudelwaneni eminingi. Yilokho esikudingayo,” kusho uNgcobo.
AmaBlitzbok azoqala ku-Pool A ngoMgqibelo neGreat Britain ngo-10.50 ekuseni, kulandele i-United States ngo-2.12 emini, bese evala nge-Ireland ngo-7.34 ebusuku.
Khonamanjalo, iqembu lakuleli labesifazane lizobe libheke ukuthuthuka ngemva kokuqeda endaweni ka-12 eDubai, lapho beliqala ukudlala esigabeni esiphezulu.
Izindaba ezimbi zithi lizongena kulo mqhudelwano bengekho abadlali ababili abamqoka uZintle Mpupha, noLibbie Janse van Rensburg, abalimale eDubai.
Imbokodo izoqala kuPool C ngoMgqibelo. Izovula neFrance ngo-9.44 ekuseni, ibhekane neCanada ngo-11.56 bese ivala ne-United States ngo-4.38 ntambama.